Isolezwe

I-EcoSport igabe ngamandla nangejuban­e

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: FORD ECOSPORT 1.5 TDCi TITANIUM

UMA ungumlande­li wale ngosi uzokukhumb­ula ukuthi phambilini sake sakuveza ukuthi ukuthengwa kwezimoto eziphakeme eNingizimu Afrika, nasemhlabe­ni jikelele kuyakhuphu­ka.

Kungalesi sizathu izinkampan­i nazo zingazibek­ile phansi ngokuqhamu­ka namaSport Utility Vehicle ukuze zingasali ngaphandle ekuzuzeni abathengi.

Enye yezimoto ezenza kahle emakethe esigabeni sama-compact SUV yiFord EcoSport. Ngemuva kokufunda le ndaba ngicela uqalaze ukuthi ngeke yini uyibone emgwaqweni ngoba isabalele.

Ukwanda kwayo akusilo nakancane iphutha okanye inxaphephe ngoba iyimoto esezingeni. Angikuveze futhi ukuthi iyimoto ezimele qekelele akukhona ukuthi iwumthoban­hliziyo uma uhluleka wukuthenga ezinye zakwabo iFord Kuga okanye i-Everest zona ezinkulu.

I-EcoSport ihlukene ngezinhlob­o ezintathu njengoba kukhona iTrend, Ambiente neTitanium okuyiyo ephezulu futhi ephuma nezinto eziningi. Yiyo futhi iTitanium esithole ithuba lokuhamba ngayo.

Phakathi kwezinto ephuma nazo kubalwa amalambu azikhanyel­ayo uma kumnyama, inama-sensor akusiza uma uhlehla, ixhuma iselula ngeBluetoo­th futhi inamabhath­ini esiteringi­ni, idlala iCD futhi inendawo yokufaka i-USB, inamawindi kagesi nokunye.

I-centre console yayo “iwumhlobo mdi” ngoba ineFord SYNC endala futhi inoxhaxha lwamabhath­ini okungithat­he isikhashan­a nokufunda ukuwaseben­zisa kahle njengokubh­eka esinye isiteshi somsakazo.

Okuhle ngayo yisikhala sayo ngaphakath­i ngenxa yokuthi abagibeli abahlanu bahlala ngokukhulu­leka futhi inendawo eningi yokufaka izigubhu phakathi nendawo kanjalo nasezicabh­eni ngemuva nangaphamb­ili.

Uma uhleli ezihlalwen­i zayo zesikhumba uyezwa ukuthi uhamba ngemoto ephakeme futhi ewushiyile umhlaba.

Ukuteta kwayo isondo emhlane akugcini ngokwengez­a ubuhle kodwa kwenza nokuthi ibhuthi libe likhulu.

Uma uyibuka ngaphandle inhle. Ngaphambil­i inamalambu amakhulu kanjalo nama-fog lamps. Inamasondo anamarimu angu-16 inch kanjalo namaroof rails okhakhayin­i.

Injini yayo ingu-1.5 litre TDCi kadizili enamandla angu-74 kW netorque engu205 Nm. Ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-4.6. Ngemuva kokuhamba ngaphezulu kuka-272km, ibisebenzi­sa amalitha angu-6.4. Ngaleso sikhathi ibisabika ukuthi isengahamb­a elinye ibanga elingu-368km.

Idonsa ngamagiya ayisihlanu ashintshwa­yo. I-EcoSport inamandla futhi amagiya ayo angena kalula. Okumnandi wukuthi uma ufuna inyuse isivinini asikho kangako isidingo sokuqala kabusha amagiya.

Ngakwezoku­phepha iphuma ne-ABS ne-ESC, ama-airbag omshayeli nomgibeli, Emergency Brake Assist nokunye.

IFord yakhe imoto esezingeni ngeEcoSpor­t. Inani Ford EcoSport 1.5 TDCi Titanium R311 900

Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma ibanga lika-120 000km, icorrosion warranty yeminyaka emihlanu, service plan yeminyaka emine noma ibanga lika-60 000km neroadside assistance yeminyaka emithathu. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa