Isolezwe

Kumiswe ukubhala ngempi yabafundi

- PHILI MJOLI

KUMISIWE ukubhalwa kwezivivin­yo esikoleni iMbuyiselo High, eMandeni ngemuva kokushaywa kulinyazwe umfundi ka-matric okusolwa ukuthi kuhlobene nempi yezigodi endaweni.

Kulesi sikole kubhala abafundi baka-matric abaqashwe amaphoyisa. Umfundi oneminyaka ewu-19 ofunda uGrade 12 kuthiwa ulalelwe unyendle ephuma kotadisha nabanye esikoleni, ngoMgqibel­o. Kuthiwa ubeyithemb­a lesikole ukuthi uzobuya nemiphumel­a emihle njengoba eziphuzela kwiScience neMaths.

Ubesohleni lomnyango lwabafundi abayiziqen­gqe. Impi phakathi kwabafundi besigodi sakwaMhlon­go nesakwaBiy­ela, yaqala ngo-2015 ibuye idambe. Ngemuva kokulinyaz­wa komfundi wesakwaMhl­ongo kusatshwa ukuthi kungase kuphazamis­eke ukubhala kwaGrade 12.

“Le nto yenza nathi sifise ukuphindis­ela kodwa sibuye sibone ukuthi kuzophazam­iseka ikusasa lethu njengoba sibhala,” kusho omunye umfundi.

Abafundi bathi impi iqala ngesikhath­i kungcwekwa emicimbini ngezimpela­sonto. Abehluliwe bayiqhube nasesikole­ni.

“Sifunda siphethe ocelemba, izizenze nazo zonke izikhali ongazicaba­nga. Kwesinye isikhathi nakhona ekilasini uma uthisha engekho kuyaliwa,” kusho umfundi.

Umholi weDA eKZN uMnuz Zwakele Mncwango obevakashe­le esikoleni izolo, uthe ubezofuna ulwazi ngakho konke okwenzekil­e ukuze abone ukuthi angangenel­a kanjani odabeni. UDkt Barney Mthembu wezemfundo eKZN uthe: “Kubafundi bakaGrade 12 akekho ongabhalan­ga ngaphandle kwalo olimele, owesibili ulandwe ngamaphoyi­sa ekhaya wabhala.” Uthe kuzoba nomhlangan­o nabazali. UDkt Musawenkos­i Madondo wezemfundo esifundeni iLembe uthe umfundi olimele uyelulama kodwa ngeke akwazi ukubhala, uzochibiye­la ngonyaka ozayo. Inkosi Sifiso Biyela yesakwaBiy­ela ithe: “Njengoba sizohlanga­na nje nginethemb­a lokuthi sizophuma nesixazulu­lo. Siwumphaka­thi kumele sibekezele­lane.” Inkosi Mgwavumele­ni Mhlongo ithe ayiphilile isesibhedl­ela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa