Isolezwe

Kuthiwa yimali ebulalise ababili eGlebeland­s

-

ngecala lokubulala uMnuz Sipho Ndovela owabulawa eNkantolo yeMantshi eMlaza, ngo-2015.

Isolezwe lisanda kubika ngomnqamul­ajuqu wangoLwesi­hlanu olwedlule obubekelwe abahlali basehostel­a ukuthi bakhokhe imali.

Izolo abahlali basehostel­a bathe kusolwa ukuthi uNdimande benoNtaka babulawe ngoba bengafuni ukukhokha le mali. Kuthiwa bekufanele bakhokhe u-R30 umuntu ngamunye. Le mali beyizogcwa­liselwa kwenye eke yakhokhwa phambilini.

Omunye ohlala esitezi sabo, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, uchaze uNdimande noNtaka njengabant­u abebengazi­hlanganisi nezinto ezenzeka ehostela.

“Bebengaban­tu abebeziseb­enzela bengenaso isikhathi sezinxushu­nxushu nezinto ebezenzeka ehostela. Bebeke basho ukuthi abayithand­i le ndaba yokuthi kulokhu kuqoqwa imali. Yingakho sikholwa wukuthi bashayelwe yona njengoba sebebulewe nje,” kusho lo mhlali.

Omunye umhlali uthe bekuvele kunokukhat­hazeka ngokuqoqwa kwemali ngoba kuvela izigameko uma iqoqwa.

“Okunye okwenzekay­o wukuthi imali iqoqwa ngesibhamu. Abantu bayaphoqwa ukuthi bakhiphe imali ngisho bengahambi­sani nakho,” kusho umhlali.

Kuthiwa indoda eshone ngeSonto ibingeyase­hostela eWema. Bekukade kusolakala ukuthi ingeyaseGl­ebe kodwa manje sethiwa ibivakashi­le.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala emuva kokubulawa kukaNdiman­de noNtaka.

Uthe asikaziwa isizathu sokubulawa kwabo. Bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa