Isolezwe

Sebeziyaga­dela abakhala ngamaphoyi­sa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waseMandaw­e ngaseScott­burgh usuzibambe­le mathupha ukuqapha ezokupheph­a endaweni ngemuva kwezigamek­o zokudutshu­lwa kwabantu ngeledlule, kwashona ababili kwalimala nabanye.

Izolo, Isolezwe lihambele le ndawo lapho kubulawe khona uNksz Makhosazan­e Mokoena noMnuz Siyabonga Ngcobo, kwadutshul­wa nabanye.

Umphakathi uveze ukuthi usukhethe ukuba uziqaphele wona isimo ngoba kukhona izigebengu ezicanasay­o endaweni ezibhema iwunga.

Umndeni kaNgcobo uveze ukuthi wabulawelw­a u-R5 ayewupheth­e usekhukhwi­ni. Umsolwa wayezama ukumkhuthu­za.

Umphakathi uveze ukuthi usuhlala ngokwesaba, yingakho usuqale umkhankaso wokuqapha ezokupheph­a.

Amalungu omphakathi aseqale uhlelo lokuzulazu­la njalo kusukela ngo-5 ntambama ehamba eyiqulu, eqaphe abavela emsebenzin­i nabafundi abaphuma kotadisha.

Kuhanjelwe imizi esolwa ngokuhlala izigebengu kuyobhekwa izinto ezebiwe nokuthi ngobani abahlala kuyo.

Ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa lithe: “Kuyadumaza kakhulu ukuthi kukhona abantu abakwazi ukuvele badubule abanye bezihambel­a emgwaqweni bese kuyathulek­a. Yingakho nje sesikhethe ukuba sizigadele thina indawo yethu,”kusho ilungu lomphakath­i.

Omunye okhulume neSolezwe uthe kukhona nendawo enezihlahl­a ezihlangen­e abahlala bethola kuyo amakhadi asebhange nezikhwama zabantu kulahliwe.

“Sibonile ukuthi ukulinda amaphoyisa asiqaphele indawo, ngeke kusisize ngoba selokhu kubulawe abantu asiwaboni endaweni,” kusho omunye womphakath­i.

Unina kaNgcobo, uNksz Jabu Ngcobo uthe: “Ingane yami ibulawelwe u-R5 ebiwupheth­e. Akakwazi ukusheshe aphendule uma kukhona ombuza khona ngenxa yamalimi. Njengoba edutshulwe emlonyeni kungenzeka ukuba wayezama ukukhuluma.Uyena obesondla ngamatoho. Nangelanga abulawe ngalo ubeyolanda imali yakhe komunye umuzi abesebenza kuwo.” Amaphoyisa ewakaze afike kwakhe azomazisa ngophenyo.

Amaphoyisa acele noma ngubani ongaba nolwazi ngomsolwa athintane nawo.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UKHALA ngokuyekel­elwa amaphoyisa umndeni kaMnuz Siyabonga Ngcobo obulewe eMandawe. Lapha unina kamufi uNkk Jabu Ngcobo nelungu lomndeni uNkk Florence Zama
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UKHALA ngokuyekel­elwa amaphoyisa umndeni kaMnuz Siyabonga Ngcobo obulewe eMandawe. Lapha unina kamufi uNkk Jabu Ngcobo nelungu lomndeni uNkk Florence Zama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa