UManana uke walahlwa elokweba: umshushisi
ABASHUSHISI eNkantolo yeMantshi eRandburg baveze izolo ukuthi owayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme kuleli, uMnuz Mduduzi Manana, useke walahlwa ngamacala amabili, elinye lawo elokweba isiphuzo.
Lokhu kuvele osukwini lwesibili lokugwetshwa kukaManana owavuma amacala amathathu okushaya enenhloso yokulimaza abasefazane, endaweni yobumnandi iCubana, eGoli, ngo-Agasti 6 nonyaka.
UManana wasula esikhundleni sokuba yiphini ngemuva kokubekwa la macala. Umshushisi u-Anne-Marie Smith wethulele inkantolo ubufakazi obuthi uManana useke walahlwa ngamacala ngaphambilini. UManana wahlawuliswa uR500 ngemuva kokuvuma icala lokuntshontsha isiphuzo iCoke esitolo. Echaza ngalelo cala uManana uthe wakhohlwa ukusikhokhela isiphuzo.
Ngesikhathi abameli bakaManana becela ushwele ngesigwebo sakhe ecaleni abhekene nalo, ummeli wakhe uMichael Motswaneng Bill wazise inkantolo ukuthi welulekwa ngokwengqondo ukuze ehlise ukucasuka, usesungule nenhlangano yabesilisa abafuna ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
UManana ucele inkantolo ukuthi imzwele ngoba usesishiyile isikhundla sakhe kuhulumeni okuchaza ukuthi umholo wakhe usuwehlile. Uthe usekhokhe imali ebalelwa ku R37 000 yokwelashwa kwabesifazane abashaya ngokunjalo nezindleko zecala.
Ucele ukuthi inkantolo imnikeze isigwebo esifanele, afisa kube wukuhlawuliswa.
Icala lisaqhubeka.