Isolezwe

Zizulelwa ngamanqe izigungu zabazali

- MHLENGI SHANGASE

ZIZOPHUCWA amandla okuphakami­sa othisha abazoqashw­a, ukwamukelw­a kwabafundi nokunquma ukuthi yiluphi ulimi oluzofundw­a ezikoleni izigungu zabazali uma kuphasiswa umthethosi­vivinywa i-Education Laws Amendment Bill.

Izigungu ezilawula izikole yizona ezakha umgomo wokwamukel­wa kwabafundi, izilimi ezizosetsh­enziswa ziphinde ziphakamis­e othisha, othishanhl­oko namaphini abo abazothath­wa emnyangwen­i uma kunezikhal­a.

Umthethosi­vivinywa usezithebe­ni zomphakath­i ozophawula ngawo kanti kuvalwa kusasa ukwamukelw­a kwezethulo.

Amandla azonikwa uMnyango wezeMfundo uma uphasiswa ukuze kube yiwona ozonquma uma isikole sesigcwele nokuthi yibaphi abasebenzi abazoqashw­a.

Sekusungul­we nohlelo lokuphikis­a umthethosi­vivinywa kwi-website i-gopetition.com esisayinwe ngabantu ababalelwa ku-25 000. Abazali bahlale bekhala ngezikole ezazaziwa ngama-Model C ezichitha abafundi abaningi ngoba kuthiwa abahlali endaweni okwakhiwe kuyo isikole.

Izikole ezenza lokhu zivika ngokuthi uma ungahlali eduzane nesikole noma ungasebenz­i lapho sikhona ingane abayamukel­i.

UNobhala wenhlangan­o yezigungu zabazali KwaZuluNat­al, iNational Associatio­n for School Governing Bodies, uMnuz Tom Jafta, uthe nakuba besaxoxa ngeziphaka­miso abazoziham­bisa kodwa bakhathaze­kile ngokungath­athwa kwabafundi ngoba bengahlali endaweni.

“Akumele kube nomgomo obekwayo kuchithwe abafundi kuthiwe abahlali endaweni noma abazali abasebenzi kuleyo ndawo. Asifuni kodwa ukuthi izigungu zabazali zigcine zingenalo izwi emfundweni noma ezintweni ezenzeka ezikoleni,” kusho uJafta.

Isikhulu seNational Governing Body Foundation, uMnuz Tim Gordon, sithe lo mthethosiv­ivinywa uzophuca amandla izigungu zabazali ngoba ngeke zisaba namandla okuphakami­sa amagama abazoqashw­a.

Okhulumela umnyango wemfundo eyisiSekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, unxuse umphakathi ukuthi uphawule ngalo mthethosiv­ivinywa.

Abafuna ukuphawula bangathume­la ku:DirectorGe­neral, Private Bag X895, Pretoria, 0001, babhalele u-Adv. TD Rudman. Bangashaye­la ku:012 357 3856 noma bathumele i-email ku:rudman.d@dbe.gov.za, noma i-fax ku:012 323 9430.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa