Zizulelwa ngamanqe izigungu zabazali
ZIZOPHUCWA amandla okuphakamisa othisha abazoqashwa, ukwamukelwa kwabafundi nokunquma ukuthi yiluphi ulimi oluzofundwa ezikoleni izigungu zabazali uma kuphasiswa umthethosivivinywa i-Education Laws Amendment Bill.
Izigungu ezilawula izikole yizona ezakha umgomo wokwamukelwa kwabafundi, izilimi ezizosetshenziswa ziphinde ziphakamise othisha, othishanhloko namaphini abo abazothathwa emnyangweni uma kunezikhala.
Umthethosivivinywa usezithebeni zomphakathi ozophawula ngawo kanti kuvalwa kusasa ukwamukelwa kwezethulo.
Amandla azonikwa uMnyango wezeMfundo uma uphasiswa ukuze kube yiwona ozonquma uma isikole sesigcwele nokuthi yibaphi abasebenzi abazoqashwa.
Sekusungulwe nohlelo lokuphikisa umthethosivivinywa kwi-website i-gopetition.com esisayinwe ngabantu ababalelwa ku-25 000. Abazali bahlale bekhala ngezikole ezazaziwa ngama-Model C ezichitha abafundi abaningi ngoba kuthiwa abahlali endaweni okwakhiwe kuyo isikole.
Izikole ezenza lokhu zivika ngokuthi uma ungahlali eduzane nesikole noma ungasebenzi lapho sikhona ingane abayamukeli.
UNobhala wenhlangano yezigungu zabazali KwaZuluNatal, iNational Association for School Governing Bodies, uMnuz Tom Jafta, uthe nakuba besaxoxa ngeziphakamiso abazozihambisa kodwa bakhathazekile ngokungathathwa kwabafundi ngoba bengahlali endaweni.
“Akumele kube nomgomo obekwayo kuchithwe abafundi kuthiwe abahlali endaweni noma abazali abasebenzi kuleyo ndawo. Asifuni kodwa ukuthi izigungu zabazali zigcine zingenalo izwi emfundweni noma ezintweni ezenzeka ezikoleni,” kusho uJafta.
Isikhulu seNational Governing Body Foundation, uMnuz Tim Gordon, sithe lo mthethosivivinywa uzophuca amandla izigungu zabazali ngoba ngeke zisaba namandla okuphakamisa amagama abazoqashwa.
Okhulumela umnyango wemfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, unxuse umphakathi ukuthi uphawule ngalo mthethosivivinywa.
Abafuna ukuphawula bangathumela ku:DirectorGeneral, Private Bag X895, Pretoria, 0001, babhalele u-Adv. TD Rudman. Bangashayela ku:012 357 3856 noma bathumele i-email ku:rudman.d@dbe.gov.za, noma i-fax ku:012 323 9430.