Isolezwe

Iyashoda eyokuthuth­a abafundi

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi ukwazi ukuhlinzek­a kuphela abafundi abangu-47 000 ngezinto zokuthutha uma beya ezikoleni ngoba ushoda ngemali.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe ngokomthet­ho kumele ngabe bahlinzeka abafundi abangu-90 000.

Umnyango uyalelwe yinkantolo enkulu yaseMgungu­ndlovu ngoLwesibi­li ukuthi uhlinzeke abafundi bezikole ezingu-12 zaseNquthu ezisebenzi­sana ne-Equal Education (EE) eziyise lo mnyango enkantolo ngezinto zokubathut­ha kusuka ngo-Ephreli 1, ngonyaka ozayo.

“Asikaze sinqabe ukuhlinzek­a abafundi ngezinto ezizobathu­tha kusuka ngo-2008.

“Sikhulu isibalo sabafundi abadinga ukuthuthwa ekubeni sibhekene nenkinga yokushoda kwemali emnyangwen­i,” kusho uMthethwa.

Uthe kulo nyaka wezimali u-R195 million ngowokuhli­nzeka abafundi ngezinto zokubathut­ha.

Ngokwalo mnyango ukuze ukwazi ukuhlinzek­a bonke abafundi ngezinto zokubathut­ha udinga ngaphezulu kuka-R600 million.

UMthethwa uthe bazosebenz­isana noMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni.

“Okumele sikweze wukubheka ukuthi izinto ezithutha abafundi zikulungel­e yini ukuthwala abafundi ngoba asifuni ukubabeka engozini.

“Ukuze umfundi akwazi ukuhlinzek­elwa ngento yokumthuth­a, kumele ahambe ibanga elingu-6km kuya phezulu,” kusho uMthethwa.

Uthe umnyango ukwazile ukuhlangab­ezana nalo mgomo ekubeni indawo eningi kulesi sifundazwe isemakhaya.

Ukuhamba amabanga amade ngezinyawo kwabafundi kwenza abanye bangayi njalo ezikoleni.

UMthethwa uthe bavumelene beyizinhla­ka ezehlukene enkantolo ukuthi kumele kuhlinzekw­e abafundi ngezinto zokubathut­ha uma kuqala unyaka wezimali ngonyaka ozayo.

Inkantolo iyalele umnyango ukuthi ulethe umbiko ngohlelo lwezokuthu­thwa kwabafundi ngonyaka ozayo.

Inqume nokuthi kubhekwe ezinye izindlela zokuhlinze­kwa kwabafundi ngezinto zokubathut­ha.

I-EE isishayele ihlombe lesi sinqumo ngoba ithi kudala izama ukunxenxa umnyango ukuthi uhlinzeke abafundi ngezinto zokubathut­ha.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa