Isolezwe

Bazimisele ukusidluli­sa isinqumo abe-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal izolo bufunge bagomela ukuthi buzosidlul­isela phambili isinqumo secala lombango wobuholi uma kwenzeka sivuna izimbangi zabo.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, uthe inkantolo ngoMsombul­uko izobe icubungula izinto ezimbili, isicelo sokudlulis­a isinqumo senkantolo nesicelo esithi umyalelo wenkantolo mawenzeke.

“Sizolindel­a ukuzwa ukuthi inkantolo ithini kodwa sizimisele ngokuthi sidlulele phambili uma kwenzeka isinqumo singasivun­i,” kusho uZuma.

Uthe bagculisek­ile ngamalungi­selelo enziwe ngabameli abajutshwe ukuthi bavikele inhlangano.

“Isinqumo sobuholi bukazwelon­ke sokweseka ubuholi besifundaz­we, hhayi ukweseka kuphela kodwa nokungenel­ela ngokujuba abameli bakazwelon­ke kusiqinisa idolo singubuhol­i besifundaz­we,” kusho uZuma.

UZuma unxuse wonke amalungu e-ANC ukuba angavumi ukuthi ahlukanisw­e phakathi yileli cala kodwa abumbane asebenze ndawonye njengoba kulungisel­elwa ingqungqut­hela kazwelonke ezoba ngoDisemba.

Uthe ubuholi besifundaz­we bubuka leli cala njengenye yezinkinga ezinkulu ezibhekene noKhongolo­se kodwa engalungis­eka.

“Ubuholi besifundaz­we buzibophez­ele ohlelweni lwangaphak­athi enhlanganw­eni lokuzama ukudala ububambo oluholwa nguNdunank­ulu wesifundaz­we ophinde abe yiPhini likaSihlal­o we-ANC esifundazw­eni, uMnuz Willies Mchunu,” kusho uZuma.

Ebuzwa ngekomiti eliqokelwe ukuxazulul­a izimangalo KwaZulu-Natal, njengoba kuhlaliswa imihlangan­o yamagatsha eliholwa nguNgqongq­oshe wezeSayens­i nobuChweph­eshe, uNkk Naledi Pandor, uZuma uthe kabanalwaz­i ngaleli komiti wathi bewubuholi besifundaz­we bebengakat­shelwa lutho ngalo.

Udaba lwaleli komiti luvezwe wuhlangoth­i lukaMnuz Senzo Mchunu olufake enkantolo ubuholi besifundaz­we.

UZuma uphinde waveza ukuthi bakhathaze­kile ngokuthi kuneminyan­go ethile kahulumeni esifundazw­eni nemikhandl­u okuvele izinsolo zokuthi ayiziphath­i kahle izimali.

Uthe sebethumel­e isigungu esibhekele ukusebenza kwenhlanga­no esifundazw­eni ukuba buhlangane neminyango ethintekay­o ngenhloso yokuthola kabanzi ukuthi inkinga ikuphi.

UZuma uthe kuyabakhat­haza ukuthi kuthiwe iKZN ihamba phambili ezifundazw­eni ezingayise­benzisi ngendlela imali yabakhokhi­bentela.

 ??  ?? UNOBHALA we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Super Zuma, othi balilungel­e icala lombango elizongena ngoMsombul­uko
UNOBHALA we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Super Zuma, othi balilungel­e icala lombango elizongena ngoMsombul­uko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa