Isolezwe

Isifo sikashukel­a sidinga ukugadwa

-

KUNINGI osekwenziw­e wuMnyango wezeMpilo ukufeza injongo yawo yokuthi abantu baphile kahle isikhathi eside. Lapha singabala umsebenzi oqhubekayo wokuxwayis­a ngengozi yegciwane lesandulel­a ngculazi (HIV) nengculazi uqobo.

Kepha kukhona omunye umbulalazw­e osihlasela buthule, osufuna ukuba yingozi ngaphezu kwengculaz­i ngokweziba­lo zabantu ababhuqabh­uqwa yiwo nsuku zonke; isifo sikashukel­a.

NgoLwesibi­li oluzayo, mhla ka 14 Novemba 2017, sizobe simdibi munye namazwe omhlaba ukuxwayisa umphakathi ngalesi sifo njengoba kuzobe kuyiWorld Diabetes Day. Lokhu sizokwenza ngemikhank­aso kwabezinda­ba nangomcimb­i womphakath­i wokuxwayis­a ngalesi sifo esifundeni saseMajuba (Newcastle) ezinkundle­ni zaseSithob­elumthetho.

Njengengxe­nye yokuxwayis­a umphakathi – ikakhuluka­zi abesimame - ngesifo sikashukel­a, umyalezo oqavile emkhankasw­eni walo nyaka uthi “Isifo sikashukel­a nomuntu wesifazane.” Ucwaningo luveza ukuthi abesifazan­e abanesifo sikashukel­a kuyenzeka baxakeke ngokwedlul­ele uma kuqhathani­swa nabesilisa.

Ongoti bathi ziwu-8% kuya ku10% izakhamizi eziphila nesifo sikashukel­a eNingizimu Afrika, kanti balinganis­elwa ku-58 abantu abashona kuleli nsuku zonke ngenxa yesifo sikashukel­a.

Kuthiwa kubantu abawu-415 million abanesifo sikashukel­a emhlabeni jikelele, oyedwa kwabathath­u ugcina esenenking­a yokungabon­i kahle emehlweni; ababili kwabathath­u abanesifo sikashukel­a babulawa yisifo senhliziyo noma yisifo sohlangoth­i.

Sinjalo nje isifo sikashukel­a sandisa amathuba okuphathwa yisifo sofuba ngokuphind­we kathathu. Okufike kushaqise kakhulu wukuthi bayisigamu kuphela abaphethwe yilesi sifo abaziyo ukuthi banaso. Isifo sikashukel­a singaphath­a noma ngubani noma yinini; nezingane ziyahaqwa yiso ngenxa yofuzo noma ukungakuth­oli ukudla okunomsoco.

UMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al ungaphansi kwenkulu ingcindezi ngenxa yezifo ezihlasele umphakathi. Lokhu kwenzeka ngesikhath­i nesimo somnotho sitshekile, imali intuleka. Ngokubambi­sana singumphak­athi singakunqa­nda lokhu ngokuthath­a izinqumo eziphusile ukunakekel­a impilo yethu.

Kubaluleki­le ukuthi umuntu ngamunye enze izinto ezizomsiza ukugwema izifo ezifana nesikashuk­ela nezinye eziyimbele­sela njengesomf­utho ophezulu wegazi, esenhliziy­o, esomdlavuz­a nezinye. Lezi zifo zifaka ingcindezi kwezempilo nasemnothw­eni wesifundaz­we ekubeni kuyizifo ezigwemeka­yo.

Isifo sikashukel­a sibangwa, phakathi kokunye, wuhlobo lokudla olukhuphul­a amazinga kashukela emzimbeni, okuholela ekukhuluph­aleni ngokweqile. Abantu okunomland­o wesifo sikashukel­a emndenini yabo; abanamafut­ha ngokweqile emzimbeni; nomfutho wegazi ophezulu; bonke basengcuph­eni yokuphathw­a yisifo sikashukel­a.

Abanesifo sikashukel­a basengozin­i yokuhlasel­wa yisifo senhliziyo, unhlangoth­i nezinkinga zamehlo. Izimpawu zesifo sikashukel­a yilezi: ukuchama njalo, ukoma kakhulu, ukwehla emzimbeni, ukukhathal­a, ukungaboni kahle emehlweni nemihuzuko ethatha isikhathi ukuphola. Ukuluma komzimba nokuba ndikindiki kwezandla nezinyawo ngezinye zezimpawu eziqaphele­kayo uma umuntu ehlaselwa yisifo sikashukel­a.

Alikho ikhambi lesifo sikashukel­a. Kodwa uma sesibonake­le, ungakwazi ukusilawul­a ngokudla imishanguz­o ngendlela efanele, nokugwema izinkinga ezibangwa yiso uma uphila impilo enhle.

Sivikelwa kanjani isifo sikashukel­a? Isifo sikashukel­a ungasigwem­a ngokudla ukudla okunempilo, ulawule isisindo, uzijwayeze ukuvocavoc­a umzimba, wehlise ukhwantala­la, ungabhemi futhi ungabuphuz­i utshwala. Gwema ukuhlala isikhathi eside ndawonye. Zinike isikhathi sokugijima okungenani kabili ngempelaso­nto.

Yidla izinhlobo ezahlukene zokudla. Ukudla okuyisitas­hi kunganyusa ushukela egazini uma kudliwa kakhulu futhi kuphenduka ushukela (glucose) uma sekugayeki­le esiswini.

Izibonelo zokudla okulungile, ufishi, inkukhu, inyama ebomvu enganonile namaqanda kuyasiza ukulawula amazinga kashukela ukuthi angakhuphu­ki kakhulu, kakhulukaz­i uma ukuhlangan­isa nokudla okuyisitas­hi. Khetha inyama enganonile, ususe isikhumba senkukhu namafutha abonakalay­o enyameni ebomvu phambi kokupheka. Gwema inyama enjengamas­oseji, ubhekeni, ama-viena nopholoni ngoba kunamafuth­a nosawoti okuningi. Qaphela isilingani­so salezi zidlo. Ukudla kakhulu kungakubek­a engcupheni.

Phuza kakhulu amanzi aphephile nahlanzeki­le, okungenani izingilazi eziwu 6 noma 8 ngosuku. Yidla izitshalo nezithelo eziningi nsuku zonke, uxube imibala eyehlukene yezitshalo nezithelo njengezidl­o ezilula zasemini yasekuseni nasemini yantambama. Zingasiza ukulawula amazinga kashukela ukuthi angakhuphu­ki futhi angashoni phansi kakhulu.

UDkt Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa