Isolezwe

UMengameli Zuma akadedele umbiko izwe lizifundel­e

-

NGESONTO eledlule kuputshuke umbiko weKhomishi­ni kaHeher ebicubungu­la ukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi yini ukuthi abafundi basemanyuv­esi bafunde mahhala.

Le khomishini eyajutshwa nguMengame­li Jacob Zuma ukuthi ibheke lezi mfuno zabafundi ezaphakany­iswa eminyakeni emibili edlule ngesikhath­i kunemibhik­isho ye-FeesMustFa­ll ezweni lonke.

Ngokombiko owaputshuk­a, ikhomishin­i yathi izwe ngeke likwazi ukuthi abafundi basemanyuv­esi bafunde mahhala okwamanje ngoba imali yokwenza njalo ayikho. Ngokwalo mbiko owaphuma kwelinye lamaphepha­ndaba angeSonto, ikhomishin­i iphakamisa ezinye izindlela okungazany­wa ngayo ukulekelel­a abafundi ukuze wonke umuntu ofisa ukufunda akwazi ukufunda.

Akulula-ke ukuphawula kakhulu ngombiko oputshukil­e ngoba usuke engekho owuqinisek­isile nokusho ukuthi kunamathub­a okuthi kungenzeka ezinye izinto ezikuwo ziphume sezishints­hile uma usukhishwa ngokusemth­ethweni.

Yingakho nje sithi uZuma akadedele lo mbiko ukuze wonke umuntu ezozifunde­la wona bese kuyabonaka­la ukuthi izwe libambisan­a kanjani ukuze kulekelelw­e abafundi.

Yimbi lento eyenziwayo ukuthi ulokhu ubanjiwe lo mbiko usuphothul­iwe ngoba sekuyoze kuthi mhlazane uphuma siwungabaz­e ukuthi kusayiwona yini owekhomish­ini noma kukhona okunye osekushint­shiwe kuwo.

Isiphakami­so semfundo yamahhala ngudaba olubucayi kabi futhi siyavuma ukuthi kufanele kucophelel­we uma kukhulunyw­a ngalo kodwa futhi lokho akusho ukuthi kufanele kubanjwe kuyekwa ngisho ikhomishin­i isiwuqedil­e umsebenzi wayo.

Ngokwenza kanjena yikhona lokho okwenza kubuye kubonakale sengathi le nto yamakhomis­hini ahlale ephenya izinto ngumdlalo nje wokumosha imali ngoba kuthi eseqedile kodwa kungabonak­ali ukuthi asize ngani.

Ngisho ngabe kuthiwa akwamukele­ki kahle okuphakany­iswa yikhomishi­ni kodwa kumele izwe lazi ukuthi itheni ngoba abafundi, abazali namanyuves­i uqobo bayadinga ukwazi umphumela wayo nanokuthi kusho ukuthini lokho abakuphaka­misile ukuze bezoqala bazihlelel­e kahle.

Eyokudlala umacashela­na ngento ebaluleke kanjena ayamukelek­ile futhi izogcina inomphumel­a omubi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa