Inkampani ithuthukisa abesifazane
BAZUZA lukhulu abasebenzi besifazane benkampani yakwa-Jockey abathuthukiswa ngaphakathi kule nkampani. Lokhu kwenzeka ngokuthi kufundiswe izingane zabo emanyuvesi, baphinde babe nomtholampilo wangaphakathi onqanda ukuba bangezi emsebenzini uma bedinga ukwelashwa.
UNkk Neli Myeza (55) waKwaMashu osesebenze kwaJockey iminyaka engu-31 unesifiso sokuthi aze athathe impesheni esebenza kule nkampani njengoba imsizile ukuthi afundise izingane zakhe ezimbili emanyuvesi, yaphinde yaqasha indodakazi yakhe endala.
“Ngifisa abantu bazi ukuthi uma bethenga imikhiqizo yakwaJockey akukhona ukuzithengela nje kodwa basiza ukuba impilo yabaningi besifazane abasebenza lana ithuthuke. Kumanje nginezingane ezimbili ezifunda enyuvesi ngokusizwa inkampani ngemali yokuzikhokhela, ngaphandle kwalokho ngibeka ibhodwe eziko kwami, nendodakazi yami isebenza khona lapha,” kusho uNkk Myeza.
Uthe wafika eneminyaka engu24 engakwazi ngisho nokubamba inaliti yokuthunga.
“Ngagcina ku-Grade 8 esikoleni, kungekho ikhono enginalo lokuthunga. Bangiqasha kwaJockey, bangifundisa umsebenzi esikoleni sokuthunga sangaphakathi. Kumanje ngiyakwazi nami ukucathulisa abanye abasuke befika enkampanini ngoba senginalo ulwazi futhi maningi amakhono engiwafundile lapha,” kusho uNkk Myeza.
UNkk Mbali Ntuli (30) waseSiyanda, yena oneminyaka emibili esebenza kule nkampani uthe okumsize kakhulu ukusebenza nabesifazane abahlukene nokumkhulisile.
“Kumanje ngiyafunda ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokuzithuthukisa. Nginomatric kuphela, bangiqasha ngafunda lapha ngaphakathi ukuthunga. NgoDisemba nonyaka ngizophothula izifundo zami esikoleni sangaphakathi, ngizokwazi ukuba nesitifiketi esizongisiza ukuthuthukisa impilo yami,” kusho uNksz Ntuli.
Uthe wondla indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili.
“Kuningi engikufundile lapha kwabanye abantu besifazane. Sibaningi, kukhona nabesifazane abadala kunathi abasinika iziyalo ezisiza impilo yethu. Ukufika kule nkampani kushintshe impilo yami,” kusho uNksz Ntuli.
Obhekelele ukukhangiswa kwemikhiqizo kwaJockey, uNkk Jenna Carter, uthe bakwenza kube umkhuba ukuba abasebenzi babo babanikeze ikhono elizokwazi ukubasiza.
“Abasebenzi bethu siyaqikelela ukuthi sibafundise umsebenzi ngaphambi kokuba bawenze. NgoDisemba nje sinabasebenzi abazobe bephothula izifundo zabo esikoleni esingaphakathi kule nkampani. Sifuna babenamakhono benze nomsebenzi osezingeni lomhlaba njengoba impahla yethu iyiswa nakwamanye amazwe,” kusho uNkk Carter.
UNkk Princess Duma yena osebenza emtholampilo ongaphakathi kule nkampani kusukela ngo-2011 uthe abesifazane basizakala kakhulu ngoba bathola ukusizakala besemsebenzini, okwenza bangaphazamiseki uma bedinga usizo lwezempilo.
Ngaphandle kokugxila ekwenzeni umsebenzi omuhle, obhekelele ukudayiswa komkhiqizo, uNksz Natalie Bennie waseMlaza uthe bayaqinisekisa ukuthi abasebenzi bahlezi bejabule futhi nomzimba wabo usesimeni njengoba beyingxenye yomjaho i-Spar Ladies.
“Kusukela ngo-2008 sibhalisela abesifazane abasebenza kule nkampani ukuba babeyingxene yomjaho iSpar Ladies. Kulo nyaka bangaphezu kuka-800 abantu abangenele umjaho. Abaningi kugcina sekuyisiko mpilo ukuzivocavoca. Siyakugqugquzela ukuba baphile impilo yokuzivocavoca nokudla kahle,” kusho uNksz Bennie.
UNksz Bennie wenza izifundo ze- Clothing Production Management e-Durban University of Technology nathi umkhakha wezimpahla udinga ubuchwepheshwe nokwenza kwavuleka amathuba amaningi emisebenzi.
Uthe kudingeka onjiniyela, abathungi, abadwebi nabakwazi ukusebenzisa imishini emikhulu ukukhiqiza izimpahla ezisezingeni.
“Abantu bangathatha kancane ukuthi senza izimpahla zangaphansi kodwa izona ezibucayi kakhulu ngoba zisondelene nomzimba womuntu. Uzizwa kahle uma ugqoke isikhindi sangaphansi esifanele,” kusho uNksz Bennie.
IJockey iqale ukuba nemikhiqizo kuleli ngo-1953. UNksz Bennie uthe bafuna ukukhula bafike kwelinye izinga, baqinisekise ukuthi abathengi bathola impahla esezingeni lomhlaba.