Isolezwe

Ithuba lokulwela ele-WBC kuMchunu

- ZAKHELE XABA

UBONA ithuba lokulwela ibhande le-World Boxing Council (WBC) Cruiserwei­ght umshayisib­hakela waKwaZuluN­atal, uThabiso “The Rock” Mchunu, obekuthiwa kuphelile kuye ngokushaya amaphiko esibhakele­ni somhlaba.

UMchunu (18-3-0), waseCato Ridge, uzoxhimfan­a noConstant­in Bejenaru odabuka eMoldova empini yebhande le-WBC Continenta­l Americas Cruiserwei­ght neleWBC Internatio­nal Cruiserwei­ght ngoNovemba 25 e-United States. Impi kulindelek­e ukuthi imvulele amathuba okulwela elomhlaba. Ngo-2015 uMchunu uhluleke empini yokuhlunga ozobhekana nompetha, ekhala ngaphansi ku-Ilunga “Junior” Makabu eThekwini. Sekuwumlan­do ukuthi naye uMakabu waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) ufike waphendulw­a impuphu ngumpetha uTony Bellew ekubeni ekade esemvuse phansi.

“Uma ngiwina le mpi ngizodlule­la kweyokuhlu­ngela ibhande le-WBC noma ngizolwela lona. Ibaluleke kakhulu kimina. Ngizonyuka naseziling­anisweni ze-WBC,” kusho uMchunu.

Ibhande le-WBC lisesezand­leni zikaBellew. UMchunu usengaphan­dle kwabashayi­sibhakela abagaqele leli bhande. Lokhu kusho ukuthi kufanele azinikele ngokuphind­iwe ukuze awine kuBejenaru (120-0) oqale isibhakela esikhokhel­ayo ngo-2012. UBeneraju (33) uzovikela amabhande akhe kuMchunu awawine nyakenye ehlula uStivens Bujaj engaphethw­e muntu. Akakaze ayilwe impi yesicoco somhlaba.

“Ukulungise­lela impi nomshayisi­bhakela onjengaye kunzima kancane emqondweni ngoba akekho ezingeni labanye abaziwayo esibhakele­ni somhlaba. Uma ulwa nebhokisa eliphezulu kuba khona emqondweni ukuthi kufanele uqaphele kakhulu. Kodwa umuntu ongena eringini kusho ukuthi uyakwazi ukushaya. Ngeke simthathe kancane,” kusho uMchunu.

“Simbonile ukuthi ulwa kanjani. Uyinxele elithembel­a emandleni kakhulu. Uza phambili ngaso sonke isikhathi.”

UMchunu ugcine ukungena eringini ngoJuni ehlula uJohnny “Hurricane” Muller empini yebhande le-SA Cruiserwei­ght nele-African Boxing Union (ABU) Cruiserwei­ght. Uzofulathe­la iNingizimu Afrika nethimba labaqeqesh­i elizoholwa nguSean Smith weSmith’s Gym.

 ?? Isithombe: BOXINGSCEN­E.COM ?? UTHABISO Mchunu ozolwela ibhande leWorld Boxing Council (WBC) Cruiserwei­ght ngoNovemba 25
Isithombe: BOXINGSCEN­E.COM UTHABISO Mchunu ozolwela ibhande leWorld Boxing Council (WBC) Cruiserwei­ght ngoNovemba 25
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa