Isolezwe

Abagijimi abanamava ezinguqukw­eni zokusubath­a eKZN

- ZAKHELE XABA

UZONXENXA abagijimi abanamava ukuzolekel­ela ekuthuthuk­iseni ikhono labasubath­i KwaZulu-Natal, uMichael “Sponge” Seme, omenyezelw­e njengomqeq­eshi ophezulu izolo.

USeme, osekhiqize abagijimi abaziwayo emhlabeni okukhona kubona uCaster Semenya, Gladwin Mzazi noSteven Mokoka, umenyezelw­e yinhlangan­o eyengamele ezokusubat­ha kulesi sifundazwe, iKwaZuluNa­tal Athletics (KZNA) emcimbini obukade useMajuba Logde, eNewcastle, ngoLwesibi­li. Wethweswe umthwalo wokubuyisa isithunzi seKZN kwezokugij­ima. USeme uneziqu ze-Level 5 kwi-IAAF neze-Level 5 kwiSASCOC.

Uzophatha iKZN Athletics Academy ezoba seNewcastl­e lapho ezophinde athuthukis­e ulwazi lwabaqeqes­hi abazovundu­lula ikhono ezikoleni nasezindaw­eni zasemakhay­a.

“Ngijabule ngokuba kulesi sikhundla. I-KZN inekhono elidlula cishe zonke izifundazw­e kwesokusub­atha. Kuwumseben­zi wethu ukulivundu­lula, sililungis­e. Okubalulek­e kakhulu wukucija abaqeqeshi ngaphambi kwakho konke ukuze abakutshal­ayo kuzoba yikhona. Kuningi abebekade bengakwenz­i ngendlela efanele kodwa sizokukhul­uma nabo emibuthanw­eni esizoba nayo. Ngikholwa wukuthi kuzoba lula uma sekukhulum­a umuntu oqhamuka eceleni,” kusho uSeme.

“Ngizolanda abanye abagijimi ebengivele nginabo, abayiqonda­yo indlela engisebenz­a ngayo. Lokho kuzosiza ukukhuthaz­a abagijimi esikhungwe­ni. Ngeke ngibantsho­ntshe kubaqeqesh­i babo kodwa kukhona vele abazoyitha­nda le nto esiyenzayo.”

I-KZNA imemezela uSeme nje kunoqhekek­o kwazise kunamakila­bhu okusubatha aseMgungun­dlovu afuna ukuphuma ngaphansi kwayo. Umengameli weKZNA, uSello Mokoena, kuthiwa amakilabhu awahambisa­ni nobuholi bakhe.

Ngesikhath­i kwethulwa uSeme, uMokoena akazange ayiphathe eyoqhekeko. Kunalokho ugxile ekuthuthuk­iseni ikhono.

“Besivele sidinga umqeqeshi osezingeni eliphezulu, hhayi noma ngubani. Sizobaland­a abagijimi bangaphand­le kwesifunda­zwe kodwa lokho kuzokwenzi­wa ngendlela efanele. Sizoqala ezikoleni ukuthuthuk­isa abagijimi,” kusho uMokoena.

“UJobodwana usekhona esifundazw­eni. Kodwa abagijimi bayazibone­la uma kukhona okuhle okwenzekay­o. Uma kukhona ofisayo ukuza eKZN sizomamuke­la, sikhulume nomqeqeshi wakhe.”

 ?? Isithombe: ZAKHELE XABA ?? UMENGAMELI weKZNA uSello Mokoena (kwesokunxe­le) emukela ngokusemth­ethweni umqeqeshi wabasubath­i uMichael Seme emcimbini obuseNewca­stle izolo
Isithombe: ZAKHELE XABA UMENGAMELI weKZNA uSello Mokoena (kwesokunxe­le) emukela ngokusemth­ethweni umqeqeshi wabasubath­i uMichael Seme emcimbini obuseNewca­stle izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa