Ingwazi yeBucs ikhala ngabaqeqeshi
IKHALA ngezinga eliphansi labaqeqeshi bonozinti ingwazi ye-Orlando Pirates, uPatson “Sparks” Banda eyayibamba ngisho impukane ngezikhathi zayo kweZimnyama.
IPirates isahluleka namanje ukuthola umdlali ozovala isikhala esavuleka kudlula emhlabeni uSenzo “Nzori” Meyiwa. UMeyiwa udlule emhlabeni ngo-2014. IBucs isizame inqwaba yonozinti ukuvala isikhala sikaMeyiwa kodwa akekho osalibambe ngezandla zombili ithuba.
Leli qembu lizame uBrighton Mhlongo, Filipe Ovono, Siyabonga Mpontshane, Jackson Mabokgwane noWayne Sandilands kodwa bonke bafike bashaya udaka. Kulezi zinsuku kubatshazwa amaphutha kaSandilands osanda kushayelwa igoli nguHlompo Kekana esenkabeni yenkundla.
UBanda ukholwa wukuthi inkinga ilele kubaqeqeshi bonozinti. Njengamanje uVukusic Ivica odabuka eSerbia nguyena ocija onozinti bePirates.
“Inkinga yePirates ezintini ilele kubaqeqeshi bonozinti. Indlela onozinti abahlela ngayo udonga lwabo iyona eshiya imibuzo. Lo msebenzi unikwa bonke abantu abangenaso isipiliyoni.
“Thina bayasishiya ekubeni siwazi umsebenzi futhi sineziqu zawo. Nesiko leqembu siyalazi. Angisho ukuthi akuqashwe mina kodwa bakhona nabanye abaqeqeshi bonozinti lapha ekhaya kodwa abanakwa. Yingakho ke kunje. Mina ngingafike ngiyilungise ngokushesha le nkinga. Akukho ukuxhumana phakathi konozinti bePirates nezitobha. Bengingakaze ngiyifake i-CV yami kwiPirates kodwa bayazi ukuthi ngikhona. Kungani befuna ukuthi bathintwe yithina,” kusho uBanda.
Ngesizini edlule iPirates idedele amagoli angu-40. Ike yathelwa ngehlazo ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 yaphinde yalotsholwa yiSuperSport United ngo 6-1.
“USandilands akuyena unozinti ongathembela kuyena. Le nkinga kumele ilungiswe yithimba labaqeqeshi. UMhlongo naye abebemzama usemdala. Awukwazi ukuzofundisa unozinti osemdala. Uma ilokhu izitshwa kanje le nkinga, izoqhubeka,” kusonga uBanda.
Ngaphambi kokuthi kuthathe u-Ivica lo msebenzi ubuwenziwa nguRonwen Fernandez oyingwazi yeChiefs. UFernandez wayethathe izintambo ku-Alex Rivoredo waseBrazil osanda kudlula emhlabeni.
Kuthintwa uFloyd Mbele oyisikhulu sePirates ucele ukungasho lutho ngenkulumo kaBanda.