Isolezwe

Ingwazi yeBucs ikhala ngabaqeqes­hi

- MINENHLE MKHIZE

IKHALA ngezinga eliphansi labaqeqesh­i bonozinti ingwazi ye-Orlando Pirates, uPatson “Sparks” Banda eyayibamba ngisho impukane ngezikhath­i zayo kweZimnyam­a.

IPirates isahluleka namanje ukuthola umdlali ozovala isikhala esavuleka kudlula emhlabeni uSenzo “Nzori” Meyiwa. UMeyiwa udlule emhlabeni ngo-2014. IBucs isizame inqwaba yonozinti ukuvala isikhala sikaMeyiwa kodwa akekho osalibambe ngezandla zombili ithuba.

Leli qembu lizame uBrighton Mhlongo, Filipe Ovono, Siyabonga Mpontshane, Jackson Mabokgwane noWayne Sandilands kodwa bonke bafike bashaya udaka. Kulezi zinsuku kubatshazw­a amaphutha kaSandilan­ds osanda kushayelwa igoli nguHlompo Kekana esenkabeni yenkundla.

UBanda ukholwa wukuthi inkinga ilele kubaqeqesh­i bonozinti. Njengamanj­e uVukusic Ivica odabuka eSerbia nguyena ocija onozinti bePirates.

“Inkinga yePirates ezintini ilele kubaqeqesh­i bonozinti. Indlela onozinti abahlela ngayo udonga lwabo iyona eshiya imibuzo. Lo msebenzi unikwa bonke abantu abangenaso isipiliyon­i.

“Thina bayasishiy­a ekubeni siwazi umsebenzi futhi sineziqu zawo. Nesiko leqembu siyalazi. Angisho ukuthi akuqashwe mina kodwa bakhona nabanye abaqeqeshi bonozinti lapha ekhaya kodwa abanakwa. Yingakho ke kunje. Mina ngingafike ngiyilungi­se ngokushesh­a le nkinga. Akukho ukuxhumana phakathi konozinti bePirates nezitobha. Bengingaka­ze ngiyifake i-CV yami kwiPirates kodwa bayazi ukuthi ngikhona. Kungani befuna ukuthi bathintwe yithina,” kusho uBanda.

Ngesizini edlule iPirates idedele amagoli angu-40. Ike yathelwa ngehlazo ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 yaphinde yalotsholw­a yiSuperSpo­rt United ngo 6-1.

“USandiland­s akuyena unozinti ongathembe­la kuyena. Le nkinga kumele ilungiswe yithimba labaqeqesh­i. UMhlongo naye abebemzama usemdala. Awukwazi ukuzofundi­sa unozinti osemdala. Uma ilokhu izitshwa kanje le nkinga, izoqhubeka,” kusonga uBanda.

Ngaphambi kokuthi kuthathe u-Ivica lo msebenzi ubuwenziwa nguRonwen Fernandez oyingwazi yeChiefs. UFernandez wayethathe izintambo ku-Alex Rivoredo waseBrazil osanda kudlula emhlabeni.

Kuthintwa uFloyd Mbele oyisikhulu sePirates ucele ukungasho lutho ngenkulumo kaBanda.

 ??  ?? WAYNE SANDILANDS
WAYNE SANDILANDS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa