Isolezwe

Ithemba kuKomphela ngokuqina kodonga

- LUNGILE MAJOKA

YIZE kubukeke sengathi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela, ubegembula ngesikhath­i enquma ukubophela uJoseph Molangoane njengomuny­e wabadlali abayibamba ezinhlango­thini emuva kodwa kubonakala iqhinga lakhe limsebenze­la njengoba besangenel­we yigoli elilodwa emidlalwen­i emihlanu.

UKomphela uyakugcize­lela ukuthi abadlali bakhe basezinhla­ngothini bashoshele beyokwandi­sa isibalo uma kuhlaselwa, bese evala ngabadlali abathathu emuva.

IChiefs ayikahlulw­a kule midlalo emihlanu kusukela esebenzise uPhilani Zulu, Eric Mathoho, Daniel Cardoso, Siyabonga Ngezana noMolangoa­ne. Inqobe kabili kwiTelkom Knockout okuyifake kuma-semi final alo mqhudelwan­o. Iqhathwe neBidvest Wits emdlalweni oseBidvest Stadium ngo-3.30 ntambama ngoNovemba 18.

Kwiligi ithole amaphuzu amahlanu, ishaya iMamelodi Sundowns yadlala ngokulinga­na ne-Orlando Pirates nePolokwan­e City.

Phezu kokujabule­la ukufaka iqembu kweyandule­la owamanqamu, uKomphela uchazwe wukwehla kwesibalo samagoli esingene ngakubona.

“Muhle umphumela esiwutholi­le (beshaya iChippa United ngempelaso­nto edlule). Besikuding­a lokho. Kodwa okungijabu­lisa kakhulu wukuthi emidlalwen­i emine noma emihlanu sisangenel­we yigoli elilodwa. Lokho kuqinisa ukuzethemb­a odongeni lwethu,” kusho uKomphela.

Lo mqeqeshi uthe njengoba ehlezi ebuzwa ngokunganq­obi lutho selokhu ethathe izintambo kwiChiefs, kumasizini amabili edlule, wethemba ukuthi uzokwazi ukuthola imiphumela ezojabulis­a emidlalwen­i ezayo yeTelkom Knockout.

“Sizodlala neWits kowandulel­a owamanqamu. Ngemuva kwalokho sibheke ukungena kowamanqam­u lapho engethemba ukuthi sizoqhubek­a nokudlala ngendlela esidlala ngayo bese sithola umphumela ozoba yimpendulo kulo mbuzo,” kusho uKomphela.

UKomphela uke wafinyelel­a kowamanqam­u weTelkom neChiefs ngo-2015 kodwa bahlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1.

Uthe ukugxekwa kuyingxeny­e yomsebenzi awenzayo njengoba kukhona abakwenza ngendlela eyakhayo kodwa futhi bekhona “nabacasula­yo”.

Amanye amaqembu azodudulan­a kowandulel­a owamanqamu yiPolokwan­e City ezokwamuke­la iBloemfont­ein Celtic e-Old Peter Mokaba Stadium ngoNovemba 19 ngo-3.30 ntambama.

 ??  ?? MZIKAYISE MASHABA
MZIKAYISE MASHABA
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela ujabule kulezi zinsuku njengoba iqembu lakhe lenza kahle
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela ujabule kulezi zinsuku njengoba iqembu lakhe lenza kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa