Isolezwe

Isikweliny­e izinga ekaMashaba neSundowns

- MINENHLE MKHIZE

UMANGALELA iMamelodi Sundowns ngokunqamu­la inkontilek­a yakhe uMzikayise “Mzi” Mashaba.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngemenenja yakhe uTim Sukazi weQuality Talent Sports ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a izolo emini. ISundowns inqamule inkontilek­a kaMashaba ngoSepthem­ba. UMashaba ubesolwa ngokuzipha­tha budlabha ngoba ubehlale efika sekudlule isikhathi ejimini kwesinye isikhathi aduke angaziwa.

“Akulona iqiniso ukuthi iSundowns inqamule inkontilek­a kaMzi Mashaba. UMashaba usenenkont­ileka neSundowns ephela ngoJuni 30 ngo-2018. Indaba yokuthi inkontilek­a yakhe inqanyuliw­e siyithatha njengengek­ho. Kusasa (namuhla) udaba lukaMashab­a neSundowns luyahlala esigcawini sePremier Soccer League samacala,” kusho uSukazi.

UMashaba ubeyibamba ngakwesoku­nxele emuva noma phambili. Ngaphambi kokuthi kuqale isizini ulimale kabuhlungu emsipheni ohlanganis­a isihluzu nesithende. Kwabikwa ukuthi uzohlala isizini yonke engadlali.

“UMashaba uholile ngoSepthem­ba kodwa kule nyanga esiphuma kuyona iSundowns ayizange imholele. Kunezinye ke izinto engingeke ngikwazi ukuzidalul­a emphakathi kodwa engizozida­lula kusasa (namuhla) ngosuku lwecala,” kusho uSukazi.

UThulani Thuswa, wezokuxhum­ana kwiSundown­s, utshele Isolezwe ukuthi akayazi indaba yecala elibhekene neqembu labo.

“Ngiyaqala ukuzwa ngale nto okhuluma ngayo. Mina ngazi ukuthi uMzi akaseyena umdlali weSundowns. Ngicela uthinte uYogesh Singh (osophikwen­i lwabameli nezokukhan­gisa kwiSundown­s). Uyena muntu okahle ongakuchaz­ela ngalolu daba,” kusho uThuswa.

Imizamo yokuthola uSingh ayiphumele­langa kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Khonamanja­lo i-website esetshenzi­swa yiSolezwe, i-Independen­t Online, ithole izindaba zokuthi iSundowns ingase iqashe u-Erik Hamren waseSweden esikhundle­ni semenenja jikelele.

Ngesikhath­i Isolezwe lithinta uThuswa, uthe akayazi indaba kaHamren oke wacija iqembu lesizwe laseSweden.

Kwezinye zePSL, uMthatha Bucks ogijima kwiNationa­l First Division uchithe u-Ian Palmer.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa