IChiefs ifuna ukugcina uKhuzwayo
IKAIZER Chiefs icabanga ukuvuselela inkontileka kanozinti wayo, uBrilliant “BK” Khuzwayo, ngaphambi kokuthi kufike uJanuwari.
Imenenja yakhe, uTim Sukazi we-Quality Talent Sports, uveze lokho izolo emini. Inkontileka kaKhuzwayo naMakhosi iyaphela ngoJuni 30 ngonyaka ozayo. Ngenyanga edlule uKhuzwayo ubhale ekhasini lakhe likatwitter ukuthi kwesinye isikhathi ukusebenza kanzima kufana neze leze uma ushaywa indiva.
“Abantu bayithatha ngenye indlela into eyayibhalwe nguBrilliant Khuzwayo kwitwitter. UBrilliant wayekhuluma ngento engathinti ibhola kodwa abantu bayiphendula bayiletha ebholeni. Ngikhulumile naye wangitshela ukuthi usaneme kwiChiefs kanti neqembu lisaneme ngaye. Ngikhuluma nje kumele sixoxe ngenkontileka entsha nayo iChiefs ngoBrilliant. Bafuna kuphele uDisemba sesiqede yonke into ngoba bahlose ukugwema isimo lapho uBrilliant engazithola esesimeni sokuthi usengaxoxa nanoma yiliphi iqembu elimfunayo,” kusho uSukazi. UKhuzwayo ubanga ijezi nesilomo seBafana Bafana, u-Itumeleng Khune. UKhune kubanjwe umoya ngaye kwiBafana ngaphambi komdlalo omqoka neSenegal wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba. Usanda kuqokwa njengomdlali ovelele ngo-Agasti nangoSepthemba. “UBrilliant uyasiqonda isimo sakhe. UKhune usefomini eyisimanga, uyiqale kahle isizini lokho yiqiniso esingeke siliphike. UBrilliant uyameseka ngayo yonke indlela uKhune futhi ulinde ukuthola elakhe ithuba lokuzibonakalisa. Uma ithuba liwela ezandleni zakhe uzimisele ngokulibamba ngezandla zombili. Njengamanje alikho iqembu elisangithintile mayelana naye. Noma kungathiwa liyangithinta-ke ngeke ngiyingene indaba yalo ngoba alikho iqembu elinelungelo lokungithinta. UBrilliant ungumdlali weChiefs. Iqembu elimfunayo kumele lixhumane neChiefs. Thina singakwazi ukuxoxa nalo ngoJanuwari,” kusho uSukazi.
I-Orlando Pirates ibhekene nezinkinga zonozinti. Abalandeli bayo sebeqalile ukulimisa ngesihloko elokuthi iPirates kumele ivele izithathele uKhuzwayo. I-Pirates isayinise uWayne Sandilands ekuqaleni kwesizini. Ufike washaya into ecokeme emidlalweni yokuqala kodwa muva nje wenza amaphutha ashayisa ngovalo.
“I-Pirates ibalwa namaqembu amadala, ngakho imithetho iyazi kahle. Ngeke ikwazi ukuxhumana nami iwindi lingavuliwe,” kusho uSukazi.
UKhuzwayo usebe yiphini likaKhune isikhathi eside. Ugcine ukudlala ngesikhathi iChiefs inqoba isicoco seMacufe Cup.