Isolezwe

Umcimbi okhethekil­e wabathandi bebhola

- LUNGILE MAJOKA

ABATHANDI bebhola baseThekwi­ni bazozikhol­isa ngobumnand­i, imidlalo yobungani nokuhlanga­nyela nezinye izilomo zikanobhut­shuzwayo uma behlome ngethikith­i lokuyongen­a eMoses Mabhida People’s Park.

Abagqugquz­eli bomcimbi obizwa ngeWe Are Football baqhamuke nohlelo lokukhipha isithukuth­ezi ngokumema abathandi balo mdlalo nabadlali asebathath­a umhlalapha­nsi ukuze kuzohlanga­nyelwa ndawonye kubhungwe ngale ntandokazi yomdlalo.

U-Errol Madlala, okwabaqham­uke nomqondo womcimbi, uthe inhloso wukuhlanga­nisa abalandeli nezintando­kazi zabo endaweni ekhululeki­le.

“Ngenxa yokuthi umcimbi uqondana nempelason­to yomdlalo weBafana Bafana, ngoLwesihl­anu kuzoba khona ubhazabhaz­a wethelevis­hini ozobe ukhombisa umdlalo. NgoMgqibel­o kuzoba nomdlalo we-6-a-side, umqhudelwa­no weFifa 17 (Play Station), no-DJ abazobe benandisa. Lolu wusuku oluhle lokungcebe­leka nomndeni ngoba izingane ezineminya­ka engaphansi kuka-12 zizongena mahhala,” kusho uMadlala. IBafana izobe idudulana neSenegal ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7 ebusuku emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo. Amathikith­i abiza u-R120 kanti uma usulitheng­ile uzongena ngalo ngoLwesihl­anu uphinde ulisebenzi­se nangoMgqib­elo. Abathanda ukuba sendaweni yezicukuth­wane bazowathol­a ngo-R1 499.

Atholakala e-TicketPro nakwiwebsi­te ethi-www. wearefootb­all. co.za naseMoses Mabhida. NgoLwesihl­anu amasango azovulwa ngo-5 ntambama kanti ngoMgqibel­o imidlalo izoqala ngo-9 ekuseni. Abafisa ukudlala bangabheka imininingw­ane kwi-website noma baye eMabhida.

Phakathi kwezinkakh­a ezizobe zikhona uma sekubukwa iBafana nasemidlal­weni yangoMgqib­elo, kubalwa uLucas Radebe, Doctor Khumalo noMacBeth Sibaya.

“Abathandi bebhola bazothola ithuba lokuxoxa nabo ngebanga eselihanjw­e yiBafana kusukela yaqala ukudlala ibhola ezingeni lomhlaba,” kusho uMadlala.

Lona ngumcimbi wokuqala kanti uthe inhloso wukuthi ube khona ngoNovemba minyaka yonke.

 ??  ?? LUCAS RADEBE
LUCAS RADEBE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa