Isikwelinye izinga ekaMashaba neSundowns
UMANGALELA iMamelodi Sundowns ngokunqamula inkontileka yakhe uMzikayise “Mzi” Mashaba.
Isolezwe lihabule lezi zindaba ngemenenja yakhe uTim Sukazi weQuality Talent Sports ngesikhathi exoxa naleli phephandaba izolo emini. ISundowns inqamule inkontileka kaMashaba ngoSepthemba. UMashaba ubesolwa ngokuziphatha budlabha ngoba ubehlale efika sekudlule isikhathi ejimini kwesinye isikhathi aduke angaziwa.
“Akulona iqiniso ukuthi iSundowns inqamule inkontileka kaMzi Mashaba. UMashaba usenenkontileka neSundowns ephela ngoJuni 30 ngo-2018. Indaba yokuthi inkontileka yakhe inqanyuliwe siyithatha njengengekho. Kusasa (namuhla) udaba lukaMashaba neSundowns luyahlala esigcawini sePremier Soccer League samacala,” kusho uSukazi.
UMashaba ubeyibamba ngakwesokunxele emuva noma phambili. Ngaphambi kokuthi kuqale isizini ulimale kabuhlungu emsipheni ohlanganisa isihluzu nesithende. Kwabikwa ukuthi uzohlala isizini yonke engadlali.
“UMashaba uholile ngoSepthemba kodwa kule nyanga esiphuma kuyona iSundowns ayizange imholele. Kunezinye ke izinto engingeke ngikwazi ukuzidalula emphakathi kodwa engizozidalula kusasa (namuhla) ngosuku lwecala,” kusho uSukazi.
UThulani Thuswa, wezokuxhumana kwiSundowns, utshele Isolezwe ukuthi akayazi indaba yecala elibhekene neqembu labo.
“Ngiyaqala ukuzwa ngale nto okhuluma ngayo. Mina ngazi ukuthi uMzi akaseyena umdlali weSundowns. Ngicela uthinte uYogesh Singh (osophikweni lwabameli nezokukhangisa kwiSundowns). Uyena muntu okahle ongakuchazela ngalolu daba,” kusho uThuswa.
Imizamo yokuthola uSingh ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Khonamanjalo i-website esetshenziswa yiSolezwe, i-Independent Online, ithole izindaba zokuthi iSundowns ingase iqashe u-Erik Hamren waseSweden esikhundleni semenenja jikelele.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uThuswa, uthe akayazi indaba kaHamren oke wacija iqembu lesizwe laseSweden.
Kwezinye zePSL, uMthatha Bucks ogijima kwiNational First Division uchithe u-Ian Palmer.