Isolezwe

IChiefs ifuna ukugcina uKhuzwayo

- MINENHLE MKHIZE

IKAIZER Chiefs icabanga ukuvuselel­a inkontilek­a kanozinti wayo, uBrilliant “BK” Khuzwayo, ngaphambi kokuthi kufike uJanuwari.

Imenenja yakhe, uTim Sukazi we-Quality Talent Sports, uveze lokho izolo emini. Inkontilek­a kaKhuzwayo naMakhosi iyaphela ngoJuni 30 ngonyaka ozayo. Ngenyanga edlule uKhuzwayo ubhale ekhasini lakhe likatwitte­r ukuthi kwesinye isikhathi ukusebenza kanzima kufana neze leze uma ushaywa indiva.

“Abantu bayithatha ngenye indlela into eyayibhalw­e nguBrillia­nt Khuzwayo kwitwitter. UBrilliant wayekhulum­a ngento engathinti ibhola kodwa abantu bayiphendu­la bayiletha ebholeni. Ngikhulumi­le naye wangitshel­a ukuthi usaneme kwiChiefs kanti neqembu lisaneme ngaye. Ngikhuluma nje kumele sixoxe ngenkontil­eka entsha nayo iChiefs ngoBrillia­nt. Bafuna kuphele uDisemba sesiqede yonke into ngoba bahlose ukugwema isimo lapho uBrilliant engazithol­a esesimeni sokuthi usengaxoxa nanoma yiliphi iqembu elimfunayo,” kusho uSukazi. UKhuzwayo ubanga ijezi nesilomo seBafana Bafana, u-Itumeleng Khune. UKhune kubanjwe umoya ngaye kwiBafana ngaphambi komdlalo omqoka neSenegal wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba. Usanda kuqokwa njengomdla­li ovelele ngo-Agasti nangoSepth­emba. “UBrilliant uyasiqonda isimo sakhe. UKhune usefomini eyisimanga, uyiqale kahle isizini lokho yiqiniso esingeke siliphike. UBrilliant uyameseka ngayo yonke indlela uKhune futhi ulinde ukuthola elakhe ithuba lokuzibona­kalisa. Uma ithuba liwela ezandleni zakhe uzimisele ngokulibam­ba ngezandla zombili. Njengamanj­e alikho iqembu elisangith­intile mayelana naye. Noma kungathiwa liyangithi­nta-ke ngeke ngiyingene indaba yalo ngoba alikho iqembu elinelunge­lo lokungithi­nta. UBrilliant ungumdlali weChiefs. Iqembu elimfunayo kumele lixhumane neChiefs. Thina singakwazi ukuxoxa nalo ngoJanuwar­i,” kusho uSukazi.

I-Orlando Pirates ibhekene nezinkinga zonozinti. Abalandeli bayo sebeqalile ukulimisa ngesihloko elokuthi iPirates kumele ivele izithathel­e uKhuzwayo. I-Pirates isayinise uWayne Sandilands ekuqaleni kwesizini. Ufike washaya into ecokeme emidlalwen­i yokuqala kodwa muva nje wenza amaphutha ashayisa ngovalo.

“I-Pirates ibalwa namaqembu amadala, ngakho imithetho iyazi kahle. Ngeke ikwazi ukuxhumana nami iwindi lingavuliw­e,” kusho uSukazi.

UKhuzwayo usebe yiphini likaKhune isikhathi eside. Ugcine ukudlala ngesikhath­i iChiefs inqoba isicoco seMacufe Cup.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrilliamt Khuzwayo, kuvela ukuthi uzosayina inkontilek­a entsha neqembu ngenyanga ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrilliamt Khuzwayo, kuvela ukuthi uzosayina inkontilek­a entsha neqembu ngenyanga ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa