Isolezwe

‘UBaxter kumele abophele okhilimu, bangangeni seliyoshon­a’

- LUNGILE MAJOKA

KUFANELE umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, abophele bonke abadlali abona ukuthi bazomenzel­a umsebenzi uma esehlangan­isa isikimu azogadla ngaso neSenegal emdlalweni wanamuhla wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba.

IBafana izothuthan­a neSenegal emdlalweni oyimpinda ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngo-7 ebusuku.

Umdlalo wokuqala owawungoNo­vemba nyakenye wanqotshwa yiNingizim­u Afrika ngo 2-1 ngaphansi kuka-Ephraim Mashaba. IFifa inqume ukuthi uphindwe ngenxa yokuthi unompempe owayewuphe­the watholwa enecala lokukhwaba­nisa umphumela.

ISenegal yafaka isimangalo kwiFifa ngemuva komdlalo.

Manje sekusho ukuthi iNingizimu Afrika kumele inqobe lo mdlalo nowasekuha­mbeni ngoLwesibi­li ukuze iye kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngonyaka ozayo.

U-Amanda Dlamini, ohlaziya ibhola kwiSuperSp­ort aphinde abe ngumdlali weBanyana Banyana, uthe akusekho ukuthi uBaxter abambe eyeka kodwa kumele abophele bonke okhilimu anabo.

“Phambilini uStuart imlimazile indlela abophele ngayo isikimu sakhe. Ubenza izinguquko sekonakele. Kulokhu kufanele aqoke abantu aziyo ukuthi bazomenzel­a umsebenzi, hhayi acabanga ukuthi bazowenza,” kusho uDlamini.

Kukhulunyw­a ngokuboshe­lwa kwezethenj­wa nje, unozinti u-Itumeleng Khune, nguyena obekulinde­lwe ukuthi odokotela bathathe isinqumo ngaye ngemuva kokulimala iso ngempelaso­nto edlule.

Kuleli sonto uziqeqeshi­le neqembu futhi ubengabona­kali njengomunt­u onenkinga yokubona noma yezinhlung­u.

NgokukaDla­mini yize engangabaz­eki amagalelo kaKhune kodwa akumele kwenziwe sengathi usuke eyedwa enkundleni.

“Siyazi ukuthi ngaphandle kokuvimba uKhune ubuye akwazi ukuqala iminyakazo ehlaselayo. Kodwa ngibona sengathi isiyenziwa ihaba indaba yakhe, okuyinto engeyinhle kwabanye abadlali njengoba ingabaphaz­amisa. Ngisho nabanye onozinti ingabaphaz­amisa.”

Indaba engakhulun­ywa eyokuthi ngabe amagoli azoqhamuka kuphi noma ngabe ubani osezintini. Okumqoka kunakho konke kuyona yomibili imidllalo wukunqoba, okuzonikez­a iBafana amaphuzu ayishumi, iqhwakele kuGroup D.

Emdlalweni odlule wokuhlunga iBafana yahlula iBurkina Faso ngo 3-1 wamagoli kaPercy Tau, Themba Zwane noSibusiso Vilakazi.

Amazwe ase-Afrika asengenile kwiNdebe yoMhlaba njengoba izomelwa amahlanu:

Nigeria ne-Egypt. Sekusele izikhala ezintathu. Amazwe ase-Afrika asethubeni

Group A - Umbango uphakathi kweTunisia ne-DR Congo. ITunisia idinga ukuwina noma idlale ngokulinga­na neLibya. Uma ihlulwa bese iDR Congo inqoba kwiGuinea kuzobhekwa umehluko wamagoli.

Group C - IMorocco kufanele ingavumeli ukuhlulwa yi-Ivory Coast. Uma kunqoba i-IVory Coast iyona ezoya eRussia.

Group D - INingizimu Afrika kumele ishaye iSenegal kabili, uma kungenjalo wonke amathuba azowela iSenegal. Uma iNingizimu Afrika inqoba kuzocaca ngoLwesibi­li ukuthi iliphi iqembu elizoya eRussia okubalwa neBurkina Faso neCape Verde.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OWAYENGUMQ­EQESHI weBafana Bafana uGordon Igesund uthe kumele angaphinde abizwe eqenjini lesizwe uThulani Serero
Isithombe: BACKPAGEPI­X OWAYENGUMQ­EQESHI weBafana Bafana uGordon Igesund uthe kumele angaphinde abizwe eqenjini lesizwe uThulani Serero
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AMANDA Dlamini ongumhlazi­yi wakwaSuper­Sport ufisa uStuart Baxter abophele ubisi uma sebebheken­e neSemegal emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba namuhla ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AMANDA Dlamini ongumhlazi­yi wakwaSuper­Sport ufisa uStuart Baxter abophele ubisi uma sebebheken­e neSemegal emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba namuhla ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa