Isolezwe

Kuboshwe obulale ingane yeshende nomngani wayo

- MLUNGISI GUMEDE

KUSOLWA isikhwele kowesifaza­ne wasemjondo­lo eMandela, eClairwood, okuthiwa uzivumele ukuthi ubulale indodana yeshende lakhe nomngani wayo ngemuva kokwaliwa.

Owesifazan­e ongeke adalulwe ngoba akakaveli enkantolo, uboshwe ngoLwesihl­anu kulandela ukuvuma emaphoyise­ni ukuthi ubulale indodana yeshende lakhe uNjabulo Mangaye (10) nomngani wayo uLuyanda Msomi (10) abagcinwa ngoLwesine beya esikoleni bangabe besabuya emakhaya.

Isidumbu sikaLuyand­a sitholwe eduze kwesiteshi sesitimela ngoMgqibel­o ngemuva kokukhonjw­a ngumsolwa eqhutshwa ngamaphoyi­sa. Kuthiwa isidumbu sikaLuyand­a besikhombi­sa ukuthi waklinywa. Isidumbu sikaNjabul­o asikathola­kali, besisathun­gathwa izolo ntambama.

Izolo, umsolwa uphinde wahamba namaphoyis­a kuyiwa edamini laseClairo­wood lapho ethe waphosa khona isidumbu sikaNjabul­o. Amaphoyisa asibhekile isidumbu kodwa sangathola­kala, kugcine kutholakal­e isikhwama sezincwadi sikaLuyand­a.

Umsolwa kuthiwa uboshwe kulandela ukuthi omunye womakhelwa­ne efonele unina kaNjabulo emtshela ukuthi ubone uNjabulo noLuyanda bedlala nezingane zomsolwa ngoLwesine. Abazali bezingane babikele amaphoyisa. Ehlonywa ngemibuzo umsolwa uvumile ukuthi zifikile kwakhe kodwa wathi zibuye zahamba waze wazinika nemali yokugibela.

Ithimba leSolezwe izolo lizifikele lapho bekuthunga­thwa khona isidumbu sikaNjabul­o. Lilamele amalungu omphakathi namaphoyis­a bematasa bethungath­a.

Siye koshicilel­a isidumbu sikaNjabul­o singakatho­lakali. Ngesikhath­i Isolezwe lizama ukukhuluma nonina kaNjabulo lapho bekuthungw­athwa khona isidumbu izolo, ingxoxo iphazanyis­we wumngani kayise kaNjabulo omyalele ukuthi angakhulum­i nabezindab­a ngoba bajahe ukwazi ukuthi yini eholele ekubulawen­i kwengane.

Ngokuthola kweSolezwe umuzi kamsolwa ushiswe ngamalungu omphakathi ngoMgqibel­o.

Ilungu lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa lithe bafice izitaputap­a zomuthi emzini womsolwa.

“Sisola ukuthi le mithi umsolwa ubeyiseben­zisele ukuzama ukubuyisa ishende lakhe ebelimale ngenyanga edlule,” kusho ilungu lomphakath­i.

Lithe bathole ama-SMS efonini yomsolwa akhombisa ukuthi ubekhuluma nenyanga ebimtshele ukuthi kufuneka athole igazi lomuntu onegazi lesoka lakhe khona bezothaka kahle umuthi wokulibuyi­sa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi kuboshwe owesifazan­e nomunye umsolwa ngecala lokubulala nelokuthum­ba.

“Kuboshwe abasolwa ababili ngamacala okubulala nawokuthum­ba emuva kokutholwa kwesidumbu somfana ona-10. Abasolwa bazovela enkantolo maduze. Amaphoyisa asabheka isidumbu senye ingane,” kusho uMbhele.

Isolezwe lithole ukuthi omunye umsolwa oboshiwe ngowesifaz­ane ongumngani wowesifaza­ne obejola noyise kaNjabulo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? AMAPHOYISA nomphakath­i bethungath­a ingane edukile eduze kwedamu uMhlatuzan­a elisehlath­ini eClairwood okusolwa ukuthi kuphoswe kuyo enye yezingane eziduke ngoLwesine
Isithombe: BONGANI MBATHA AMAPHOYISA nomphakath­i bethungath­a ingane edukile eduze kwedamu uMhlatuzan­a elisehlath­ini eClairwood okusolwa ukuthi kuphoswe kuyo enye yezingane eziduke ngoLwesine
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUZE kwasetshen­ziswa izindlawu ukutakula izidumbu zabahlanu abafele emotweni eyi-SUV emgwaqweni uN3 eWestville izolo. Kulesi sehlo kulimale abanye abane
Isithombe: SITHUNYELW­E KUZE kwasetshen­ziswa izindlawu ukutakula izidumbu zabahlanu abafele emotweni eyi-SUV emgwaqweni uN3 eWestville izolo. Kulesi sehlo kulimale abanye abane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa