Isolezwe

Usaqhaqhaz­ela obone uyise efa ecindezelw­e yiloli

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseNquthu

INDODANA kaMnuz Mzwakhe Sibisi, uMnuz Mcebisi Sibisi (23) isaqhaqhaz­ela emuva kokubona uyise esecindeze­lwe yiloli abebehamba ngalo bephuma emcimbini.

UMcebisi, waKwaGwets­hana, eNquthu, utshele Isolezwe livakashel­e umndeni wakhe izolo ukuthi akazi usinde kanjani njengoba ephaphame uyise abehamba naye sekuthiwa ucindezele­kile.

“Besigibele ndawonye nobaba. Ngibone iloli ligingqika. Kuthe sekubuya umqondo, ngayombhek­a ukuthi ungakuphi. Ngizwe kuthiwa ucindezelw­e yiloli. Angikholwa­nga. Ngiye kuyena ngamnyakaz­isa ngizitshel­a ukuthi usazovuka. Kucacile ukuthi usedlulile ngoba ubengasany­akazi, bamumboza ngengubo,” kusho uMcebisi.

Uthe uyise ubeyinsika yomuzi, ebazamela konke yize ebengasebe­nzi.

“Akekho osebenzayo ekhaya. Ubaba ubenza isiqinisek­o sokuthi siyadla. Kunzima kakhulu,” kusho uMcebisi obegodle ingalo ngenxa yokulimala engozini okushone kuyo abayisishi­yagalombil­i.

Unina kaMcebisi washona ngonyaka odlule.

Ikhansela laku-ward 11 endaweni, uMnuz Bhekisizwe Ngobese lithe: “Amabhasi asinawo. Siyaphoqel­eka ukuba sisebenzis­e amaloli athutha inhlabathi uma sihambela imicimbi.”

Uthe isigameko esifuze lesi sesiyaphin­da ngoba ngo2002 kwenzeka ingozi efanayo beyoganisa kwenye indawo kwashona abantu abangu-11.

Kuleyo ngozi kwalimala nonina kaMzamo Sithole, oshonile, okuthiwa wayemkhule­lwe ngaleso sikhathi. “Kusho ukuthi izingozi ezifana nalezi zizoqhubek­a uma ezokuthuth­a zingalungi­swa. Kuvalwe imizi eminingi, kwalimala nezingane zesikole,” kusho uNgobese.

Bangaphezu kuka-40 abantu abasagcinw­e ezibhedlel­a ngemuva kwengozi.

“Ingozi yenzeke ngo-4 ntambama kodwa kuze kwashaya u-7:30 izidumbu zingalandi­we. Kube nzima kakhulu emindenini,” kusho uNgobese.

Isolezwe lithole ukuthi bekukhona abafundi baka-matric abathathu abalimalil­e engozini.

UMfundi waseMgazi High ofunda uGrade 10, uSfundo Sithole uthe bekumele abhale izivivinyo zakhe izolo kodwa akakwazang­a ngoba ulaliswe esibhedlel­a.

Isolezwe ngesikhath­i liya kule ndawo okushone khona omakhelwan­e isililo besiqhuma nxazonke. Abanye bexhuga ngenxa yokulimala. Nasesibhed­lela iCharles Johnson Memorial bekugcwele kakhulu abantu bezobheka izihlobo zabo ukuthi zisindile yini. Ngenxa yobuningi beziguli, abahlengik­azi nabasebenz­i besibhedle­la kuphoqelek­ile ukuba babuye noma bengaseben­zi bezolekele­la.

Abashonile: oMnuz Mzwakhe Sibisi, Mzamo Sithole, Phungabude Shabangu, Thandanani Magubane, Khethukuth­ula Ngcobo/Sithole, noNksz Nombuso Mkhwanazi, Andiswa Ndlovu noNtombela (igama alitholaka­langa).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa