Isolezwe

Kuboshwe nenyanga ngababulew­e

- MLUNGISI GUMEDE

SEKUBOSHWE owesilisa okusolakal­a ukuthi uyinyanga, mayelana necala lokuthumba nelokubula­la abafana ababili abaduke ngeledlule isidumbu somunye wabo esitholwe ngoMgqibel­o, esinye satholwa izolo.

Isidumbu sikaNjabul­o Mankayi (10) obefunda uGrade 3, eClairwood Primary sitholwe ngabaseben­zi bakwaTrans­net sintanta emfuleni eBayhead, ngaseClair­wood izolo ekuseni.

UNjabulo nomngani wakhe uLuyanda Msomi (10) baduke ngoLwesine beya esikoleni, bangabe besabuya.

Abazali babo babikele amaphoyisa ngokuduka kwabo ngoLwesine, aqala abathungat­ha. Omunye womakhelwa­ne wabasolwa, ufonele abazali bakaNjabul­o ebatshela ukuthi bababonile nomngane wakhe uLuyanda bedlala nezingane zeshende likayise kaNjabulo ekhaya lalo emjondolo yaseMandel­a ngaseClair­wood ngoLwesine,

Lobu bufakazi bunikwe amaphoyisa, abe esehlohla imibuzo abasolwa okuthiwa bagcine bevumile ukuthi yibona abazibulel­e izingane izidumbu zazo bazilahla.

Abasolwa ngoMgqibel­o bahambe namaphoyis­a beyokhomba lapho belahle khona isidumbu sikaLuyand­a eduze kwesiteshi sesitimela eClairwood satholwa.

NgeSonto umsolwa obethandan­a noyise kaNjabulo uyise amaphoyisa lapho bephose khona isidumbu sakhe edamini uMhlatuzan­a ngaseClair­wood kodwa babuya belambatha.

Isidumbu sikaNjabul­o size satholwa izolo.

Kube nomunyu kubazali bakaNjabul­o izolo bebona isidumbu sendodana yabo. Banqabile ukukhuluma nabezindab­a bathi le ndaba sebeyikhul­ume kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asebophe umsolwa wesithathu ngecala lokubulawa kwabafana.

“Umsolwa oneminyaka engu 32, uvelile namhlanje (izolo) eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni. Abanye kulindelek­e ukuthi bavele kusasa (namhlanje),” kusho uColonel Mbele. Uthe umsolwa ovele inkantolo izolo uzobuyela ngoMsombul­uko. Uthe ngeke akwazi ukusho okwamanje ukuthi isidumbu sikaNjabul­o sicwiyiwe noma cha ngoba basalinde umbiko kadokotela ocwaninga izidumbu.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa obethandan­a noyise kaNjabulo umsongelil­e esanda kumala wathi uzomfundis­a abantu. Umthombo uthe isizathu esidale ukuthi uyise kaNjabulo amale umsolwa ukuthi ubengamhlo­niphi unkosikazi wakhe emfonela amthuke.

“Uyise kaNjabulo obesethand­ana isikhathi eside nomsolwa, bejola babuye bahlukane njengoba nangenyana edlule ephinde wamala,” kusho umthombo.

Ilungu lomphakath­i lapho kuhlala khona abasolwa, uMnuz Sanele Nzimande, lithe abasabafun­i abasolwa endaweni ngoba abasabathe­mbi.

“Sisabela izingane zethu ukuthi azisapheph­ile uma sihlala nabantu abakwazi ukwenza isihluku esifana nalesi,” kusho uNzimande.

Ilungu lomphakath­i, uNksz Zanele Ntuli lithe bafuna abasolwa bagwetshwe udilikajel­e ngabakwenz­ile.

Ethintwa izolo, uyise kaLuyanda, uMnuz Terrance Msomi ucele ukuba afonelwe namuhla ngoba bebenomhla­ngano womndeni.

Kodwa ngeSonto ngesikhath­i ekhuluma neThe Mercury esesitebel­eni esisodwa neSolezwe uthe ushaqekile ezwa ngezindaba zokushona kwendodana yakhe.

“Ingane yami ishonile, angazi ukuthi ngizothini kodwa udaba olude engingafun­i ukukhuluma ngalo, ngikhathaz­ekile,” kusho uMsomi

 ??  ?? LUYANDA MSOMI
LUYANDA MSOMI
 ??  ?? NJABULO MANKAYI
NJABULO MANKAYI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa