Isolezwe

Bakhale ‘ngokushayw­a ngoluncane’ kukaManana

- INTATHELI YESOLEZWE

UNIKEZWE kuze kube yinamhlanj­e owayeyiPhi­ni likaNgqong­qoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Mduduzi Manana, ukuthi ahlawule ngo-R100 000 noma avalelwe unyaka ejele emuva kokulahlwa yicala lokushaya nenhloso yokulimaza.

IMantshi eNkantolo yaseRandbu­rg, eGoli, uMnuz Ramsamy Reddy, iyalele uManana ukuba akhokhe le mali aphinde asize umphakathi amahora angu-500 ukuze afunde ukulawula ukudinwa kwakhe.

UManana kuphinde kwathiwa makakhokhe abagilwa uR26 680.46.

NgoSepthem­ba 13, uManana walahlwa ngamacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza emuva kokuwavuma wonke.

Washaya abesifazan­e abathathu endaweni yobumnandi iCubana eseFourway­s, eGoli, ngo-Agasti 6. Isigameko saqoshwa ngeselula kwase kufakwa i-video yaso ezinkundle­ni zokuxhuman­a. UManana waze wesula esikhundle­ni sokuba yiPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme emuva kwalesi sigameko ngenxa yokugxekwa ngumphakat­hi nezinhlang­ano ezilwa nokuhlunye­zwa kwabesifaz­ane. UManana wathi wasakaza uNksz Noluthando Mahlaba nempama emuva kokuthi embize ngesitaban­e. Uthe wamshaya ebusweni, emhlabe waphinde wamdonsa ngezinwele, wamshaya noma esewele phansi. Emuva kokushaywa kukaNksz Mahlaba abangani bakhe oNksz Monoisa Duma noNksz Thina Mopipa bangenelel­a nabo bashaywa Emuva kwecala amalungu e-ANC nawe-EFF abe nokuhilizi­sana ngaphandle kwenkantol­o. Awe-EFF abekhala ngokuthi uManana ushaywe ngoswazi oluncane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa