Ubekezelelwa kuze kube nini ungqongqoshe onje?
NGOMASHI nonyaka iJaji Johan Froneman leNkantolo yoMthethosisekelo lathi kumele kusolwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Bathabile Dlamini ngesidididi esike saba khona ngokuthi bazoholelwa kanjani abantu abathembele ezibonelelweni zikahulumeni.
Wathi izenzo zikaNksz Dlamini zabeka engcupheni lolu hlelo olumqoka lukahulumeni. Wathi kumele kube nothwala icala lokuthi kwenziwe yini ukuthi uhlelo lubhede ngendlela okwenzeka ngayo njengoba kwaze kwakhishwa nethenda engekho emthethweni eyanikezwa iCPS.
IJaji Froneman lathi kuyichilo elixakayo ukuthi uhulumeni kudingeke athembele kwiCPS okuyinkampani ezimele ukuthi awutakule.
Wathi isizathu esenza ukuthi lolu daba luphelele enkantolo ukuhluleka kukaNksz Dlamini neSassa ukugcina isethembiso sabo kubantu baseNingizimu Afrika.
Kwakuyizinyanga eziyisikhombisa ezedlule kwenzeka lokhu kanti namanje le nzukaziyeki ayikaxazululeki. Kufanele abantu baseNingizimu Afrika babekezelele ungqongqoshe ofana noNksz Dlamini kuze kube yinini?
Balinganiselwa ku-17 million abathembele kulezi zibonelelo ukuze baphile. Uma lesi sidididi silokhu siqhubeka, impilo yabo neyabathembele kubo izoba sengcupheni.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule abeposi bathi bangawenza umsebenzi wokukhokhela izibonelelo kodwa akuyona into lena umnyango kaNksz Dlamini owayisukumela phezulu.
Ngeledlule ePhalamende kuvele ukuthi abeposi batshelwe ukuthi kufanele bakhe ubuchwepheshe obuzokwenza bakwazi ukukhokhela izibonelelo, nokuthi lokhu kuzosheshiswa.
Kodwa akucacanga ukuthi ngubani ozobe eqondene nalo msebenzi okubalwa ezebhange, ukukhiqizwa kwamakhadi amasha nokukhokhwa kwezibonelelo.
Njengenjwayelo, kube sekumenyezelwa ukuthi imininingwane yalesi sivumelwano izokhishwa ngoLwesihlanu.
Kwanele manje, isikhathi sokulokhu kuqagelwa, kuba nesidididi ngale ndaba sesiphelile. Alufike uLwesihlanu kucaciswe ukuthi kwenzakani, ngale kwalokho kuqalwe ngokuthi kulungiswe le nto ngokukhomba indlela uNksz Dlamini.