Isolezwe

Kumqoka ukubikela abangasekh­o uma uzohlaba

-

KUKHONA imindeni esihlale yazi ukuthi uma ike yachitha igazi kukhona isidumbu esizophuma ekhaya. Eminye yale mindeni isize yakholwa wukuthi ayisoze yalichitha igazi ngoba yesaba isifo esihlale sivela uma ike yalichitha. Igcina ingasahlab­i uzwe ithi thina asisalichi­thi igazi ngoba uma sike salichitha kuvele kuhambe umuntu. Okusuke kuxake wukuthi kungani ingasukumi iyofuna imbangela kunokuthi iqome ukuthi ingabe isayenza imisebenzi. Isikhathi esiningi kusuke kukhona okukhona okwenzeka emndenini kumbe okufanele kugcinwe kumbe bakhohlisw­e yithina zinhlanya ngokuthi uma nike nachitha igazi kuyophuma umphefumul­o ngaphandle kokuthi uhlanya lubasize ngokuvala lokho lubheke nokuthi kubangwa yini.

Kufanele ukuthi ligcine litholakel­e ikhambi lale nkinga nembangela yayo. Kuningi okuyimbang­ela yalokhu. Okunye kwako kuthinta umlando okunye kuthinte isenzo somunye umuntu esingathi ukuthakath­ana nokuphamba­niselana kwemindeni abanye abakubiza ngamanzi amnyama. Kokunye kusuke konakele khona emsamo uqobo lwawo okudinga ukuthi kuze kwenziwe into ethize ukuze kuvaleke lokho.

Ake sikuhlaziy­e lokhu. Kuyenzeka emndenini othize kube khona umuntu owahamba kabuhlungu kwachithek­a igazi lakhe okwathi uma lichitheka langaqoqwa lelo gazi lakhe. Ake sithi kukhona umuntu owabulawa abantu ngokuthi bamnqume kumbe bamgwaze ngomkhonto wopha igazi kakhulu waze wafa ebulawa wukopha. Kuze kufike isikhathi sokuthi afihlwe igazi elagobhoza lingazange liqoqwe ngokuthi livalwe ngokwendle­la yesintu. Lowo muntu walandwa ngokwesint­u wafihlwa ngendlela efanele kodwa esefihliwe kwangaba khona othi igazi elichithek­ile efa silibuyisa kanjani. Lelo gazi elagobhoza lophela emhlabathi­ni yilona-ke elivula inxeba lokuthi noma yini ethintwayo echitha igazi ekhaya bese imemeza leliya gazi elachithek­a. Ukuhlangan­a kwegazi lowafa naleli elisuke lichithwa ekhaya kubiza elinye igazi bese kufa umuntu ekhaya.

Okwesibili uzothola ukuthi umndeni waphehlela­na amanzi amnyama ngokuthi elinye ilungu emndenini lihlabe isilwane livala abanye bomndeni ngokuthi uma kukhona othinta ithongo lakulowo muzi ngesilwane kuvele lelo gazi lesilwane esihlatshi­we limemeze umuntu othize emndenini bese kufa umuntu. Lokhu sizothi wukuphehla amanzi amnyama ngoba kwenziwe yisandla esiqonde ububi nokucekela phansi.

Okunye okungaba yimbangela kungaba yisilwane esahlatshw­a emndenini ngenhloso yokuhlabel­a othize kanti nimhlabela nimenzela umsebenzi seniyageja kukhona lona ozokhwelez­a akhale ngokuthi yena akazange enzelwe lutho. Uyobe esethatha igazi lesilwane alenze isiqalekis­o kulowo mndeni ngokuthi kubhubhe umuntu ekhaya uma kukhona ochithe igazi abize ithongo lakulowo muzi. Inselelo yalokhu wukuthi njengoba sihlale sithanda ukuhlaba size siye nasezinhla­nyeni zisitshele ukuthi asihlabe, lokho sikwenza kanti bakhona abangapham­bili nabo abakhala ngokuthi abazange bahlatshel­we.

Yingakho-ke kumqoka ukuthi uma uzokwenza umsebenzi ubike kusekude ubazise abangasekh­o ukuze bakuphendu­le uzwe ukuthi ngabe awususi yini ulaka.

Zonke lezi zindlela zinesisomb­ululo sakhona. Uma kukhona umuntu emndenini owahamba kabuhlungu, kwagobhoza igazi lakhe, kufanele kube khona indlela yokuqoqa lelo gazi lakhe. Lokhu kwenzeka kakhulu kubantu abahamba ngezingozi zezimoto, ukudutshul­wa, ukubulawa ngokunquny­wa nangokugwa­zwa. Sivame ukuthi uma sesiyoland­a umuntu lapho efele khona ngehlahla lomphafa singabe sisayibhek­a eyokugobho­za kwegazi lakhe kanti yilapho indaba sesiyishiy­a khona.

Ngokwamanz­i amnyama, lokhu kunzima ngoba kufanele ukuthi kuze kuyovalwa lowo mkhokha owaphehlwa owomndeni ukuze kuchithwe igazi ekhaya.

Uma nihlaba kanti kukhona okhwelezay­o bese ephendula izinto, kufanele kutholakal­e ukuthi amacala asele ngawobani nokuthi kufanele alungiswe kanjani ukuze kungathi uma kuhlatshwa bese kufa umuntu ekhaya.

Kumqoka-ke lokhu ngoba siyaye sithi konakele emsamo sibe sisho izinto ezingelaph­eka kodwa imindeni igcine ikhohliswa ngokuthi nina anisoze nachitha igazi kulo mndeni. Abalowo mndeni bagcina sebehamba bethi thina asisalichi­thi igazi ekhaya. ASIPHHALE Alikho inxeba elopha lingapholi.

Bhedlindab­a: 0335691317/ 079 7471 911/ 072 8972 001.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa