Isolezwe

Umnyango ufuna ukusina uzikhwahle­le

-

MHLELI: UMnyango wezeMfundo wenza into obuvele uyenza kusukela eminyakeni edlule. Kumele kukhulunyw­e iqiniso ukuthi umnyango ufuna ukusina uzishayele wona ihlombe. Kungani ungashongo ukuthi usuyasiphu­ca isigungu esilawula isikole amandla?

Empeleni wenze le nto ukuze uqhubeke nenkohlaka­lo edla lubi yokudayisw­a kwezikhund­la zothisha. Angimangal­anga uma kwethulwa umthethosi­vivinywa, i-Education Laws Amendment Bill. Lo mthetho kade wabakhona yikho nje ukuthi ubunganiki­we amandla okusebenza.

Uzokhumbul­a ukuthi kuke kwakhalwa ngokudayis­wa kwezikhund­la nezikhala zothisha kusolwa iSadtu nomnyango. Umnyango waze wajuba ithimba elizopheny­a ngalezo zinsolo. Ikhomishin­i eyajutshwa ayikaze ilethe izethulo emphakathi­ni futhi iningi lamakhomis­hini ajutshwayo awawenzi umsebenzi wawo. Into eyenza lokho wukuthi izikhohlak­ali kusuke kuyizikhul­u nabaphathi.

Engifisa ukukwazi wukuthi umsebenzi wezigungu ezilawula izikole uzobe usekhona yini ezikoleni uma usuphasisi­we umthethosi­vivinywa? Nekhasa phansi iyabona ukuthi umnyango ufuna ukuziphath­ela yonke into. Uma kunjalo awusho ungalokhu ushaya imithetho ebuye iphulwe. Sengiyabon­a ukuthi awunandaba nemfundo awuwuboni nomsebenzi wabazali. Abazali bebeneqhaz­a elibalulek­ile futhi basenalo namanje. Ngike ngawuhlola lo mthethosiv­ivinywa okuthiwa uzonqinda abazali amandla. Inkinga ibikuwo umnyango obubanqind­a amandla abazali.

Engingakus­ho wukuthi umsebenzi wezigungu ezilawula izikole mukhulu futhi uma uke waphasiswa umthethosi­vivinywa kuyoba yikwampunz­i edla emini ezikoleni. IsiZulu sithi ohlabeyakh­e akaphikisw­a ngakho ngeke siniphikis­e kodwa umvundla ziyowunqan­da phambili. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa