Ngibabaza isiphiwo sikaTshatha

Isolezwe - - IMIBONO -

MHLELI: Ngithi nami ake ngithathe leli thuba ngixebule emkhomeni kwazise idubukele. Ngithi ake ngibongele uMfo kaNgobe (osesithombeni), uTshathugodo woKhozi FM, ngesiphiwo asiphiwa nguNkulunkulu.

Le nsizwa ivelele ezintweni eziningi eNingizimu Afrika. Inesiphiwo esimangalisayo. Ngamafuphi singabala kwezikanobhutshuzwayo, kwezokusakaza, kwezomculo nakwezokholo imbala.

Kuyisifiso sami ukuthi umfo kaNgobe ngimbone emidlalweni yeshashalazi ngelinye ilanga. Siyabonga Chiliza EMTUBATUBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.