Isolezwe

Mfundisi muni ongahambaz­e acuphe nezidumbu zabafile?

-

MHLELI: Ngike ngadideka ngifunda iphepha engilikhon­zile Isolezwe udaba obelubhalw­e nguZanele Mthethwa ekhasini lesine ngoLwesihl­anu olwedlule.

Lapha bekuvela khona ukuthi kunoMfundi­si uMbatha waseZayoni Inkanyezi Yokukhanya Kokusa othi ucupha amathuna. Okokuqala okungidida­yo wukuthi nabefundis­i sebecupha amathuna? Okwesibili okokuthi usala ngesudi yesele aze angene ethuneni ayokhuluma nomufi ukuthi akaziphind­iselele.

Hawu cha ake ningisize mhlawumbe yimina nje ongenalwaz­i enginethem­ba lokuthi khona ozongisiza angichazel­e le nto engisayith­atha njengokuth­akatha ngakolwami uhlangothi nokucabang­a. Ngabe impindisel­o akusesiyo yini eyoMdali? Uma uyikholwa uthi kumuntu akaziphind­iselele ngabe wena awubulele yini?

Angicacise nje futhi ukuthi mina angisonti futhi angizisoli ngalokho ngoba ngiyathand­aza futhi umehluko ngiyawubon­a, yini vele esiyiyelwa emasontwen­i abefundisi esibabiza ngabagcots­hwa ngezinceku zikaNkulun­kulu besahamba nqunu emphakathi­ni betete izingidi? Sisababaza eyezinyoka, eyokudla utshani, ukuphuza ophethroli nokufuthwa ngamadumu manje senigijima ngesudi yesele? Ningizwe kahle, ngiyazi akusibo bonke futhi amabandla awafani ngoba ngike ngiwavakas­hele amanye uma ngizwa nje kuvuma kepha angisonti.

Niyazi ukuthi izambane elilodwa liyawaboli­sa amanye, le nto ifana namadoda adlwengula­yo bese kuthiwe abantu besilisa bangabadlw­enguli ngenxa nje yendoda eyodwa. Nani makholwa yilwani akungaceke­leki igama lenu phansi ngabantu abajahe udumo nokuceba. Abantu abafuna ukufeza izinhloso zabo ngegama leNkosi laba. Ungena kanjani ethuneni ngesudi yeseli baba uShandu?

Uthini ngesithunz­i sakho uhambaze phambi kwezingane nabakhweka­zi nabakhwe? Lafa elihle kakhulu. Sengathi sengizovum­elana noTshathug­odo Ngobe, umsakazi woKhozi FM, owathi siphila ezikhathin­i zokugcina. Mpha Shabalala EMNAMBITHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa