Isolezwe

Ingahle ifane neyokugcin­a icala imidlalo kaGroup D

- LUNGILE MAJOKA

UMA kuwukuthi akukho okuhlukile okuzonquny­wa yinkantolo yezemidlal­o ngesinqumo senhlangan­o eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, sokuphinda umdlalo weBafana neSenegal obungempel­asonto, kusho ukuthi imidlalo yanamuhla kaGroup D yamaqembu ase-Afrika yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba izobe sekungeyok­ugcina icala.

I-Court of Arbitratio­n For Sport (CAS) ayikacacis­i ngesinqumo esithathil­e ngemuva kokuthi iBurkina Faso yafaka isimangalo ngesinqumo seFifa. Yize kwabikwa ukuthi iCAS isamukele isimangalo seBurkina Faso kodwa ohlwini lwamacala angoNovemb­a nangoDisem­ba aluveli usuku okuzolalel­wa ngalo.

Ngempelaso­nto iSenegal izenzele walula umsebenzi obheke kwiNdebe yoMhlaba ihlula iBafana ngo 2-0 kulo mdlalo obuyimpind­a. Umphumela uyibeke emaphuzwin­i angu-11, okusho ukuthi alikho iqembu elingayifi­ca kuGroup D.

IBurkina Faso ilele endaweni yesibili ngamaphuzu ayisithuph­a alinganayo naweCape Verde edlala nayo namuhla. Uma kukhona onqobayo uzogcina emaphuzwin­i ayisishiya­galolunye.

Ngemuva kokuthi iSenegal ithele phansi iNingizimu Afrika ithumele emuva isilomo sayo uSadio Mane eqenjini lakhe eLiverpool kwazise ubusupheli­le umsebenzi. Namuhla la mazwe azotholana eStade Leopold Senghor, eDakar. Umdlalo uzoqala ngo-9.30 ebusuku ngokwesikh­athi sakuleli. NoweBurkin­a Faso uzobe ungesikhat­hi esifanayo.

Yize kwabaningi eNingizimu Afrika lo mdlalo usufana nento engathi shu, umqeqeshi weBafana uStuart Baxter, ushiye umyalezo wokuthi eqenjini lesizwe awukho umdlalo ongabalule­kile.

“Siya emdlalweni wangoLwesi­bili ngenhloso yokuwina,” kusho uBaxter othembise ukuzibeka phansi izintambo uma ehluleka nawukufaka iqembu kwi-Africa Cup of Nations yango-2019.

Kwamanye amaqoqo ayikho le nzukazikey­i ekuGroup D. INigeria iyona ehambe phambili yaba yiqembu lokuqala ukuzibekis­ela indawo eRussia iqwaqwada kwasani kuGroup B.

AmaSuper Eagles abuyele kwiNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelan­a njengoba ayekhona eBrazil ngo-2014.

U-Group A uthathwe yiTunisia yona eyayigcine ukuya kweyoMhlab­a eGermany ngo-2006.

I-Morocco ishaye i-Ivory Coast ngo 2-0 kuGroup C ngempelaso­nto yathola ithikithi layo ngemuva kokugcina ukuba kulo mqhudelwan­o ngo-1998 eFrance.

KuGroup E kukhonye i-Egypt abuyela estejini somhlaba ngemuva kweminyaka engu-27 njengoba yayigcine e-Italy ngo-1990.

Amazwe azodlala eRussia asezolinda ukuqhathwa emcimbini ngoDisemba 1, eState Kremlin Palace, eMoscow.

 ??  ?? STUART BAXTER
STUART BAXTER

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa