Isolezwe

Aphikisayo afuna ubufakazi ngoZuma

- ZIMASA MATIWANE

AMAQEMBU aphikisayo acele intatheli futhi engumbhali uMnuz Jacques Pauw ukuthi anikeze izinhlaka ezifanele ubufakazi bokuthi uMengameli Jacob Zuma wayehola uR1 million enkampanin­i kasomabhiz­inisi waseThekwi­ni, uMnuz Roy Moodley.

Amaqembu aphikisayo ebephendul­a umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane obevakashe­le ekomkhulu likahulume­ni e-Union Buidlings eTshwane, izolo eyobheka ukuthi uZuma wayekuveza yini ukuthi uthola miphi imihlomula ngo2009.

“Namhlanje ngingakuqi­nisekisa ukuthi uMengameli Jacob Zuma akaze aveze ukuthi kunomholo ayewuthola enkampanin­i ezimele ngo2009 kuya ku-2010. Igama likaMnuz Roy Moodley livela uma umengameli ethi wayehlala emzini kaMoodley ongasolwan­dle eThekwini ngo-2016,” kusho uMaimane emuva kokubheka ibhuku eliveza imihlomulo kamengamel­i.

Encwadini kaPauw esihloko sithi The President’s Keepers, umbhali uveza ukuthi uMengameli Jacob Zuma wayehola u-R1 million njalo ngenyanga ngo-2009 owawuvela enkampanin­i iRoyal Security kaMoodley.

Ngokomgomo obhekelele ukuziphath­a, umengameli kufanele asho uma kukhona imali ayithola eceleni. Kufanele asho noma ethola izipho okungaba amasheya, iminikelo nokunye.

“Awukho umholo ka-R1 million encwadini kamengamel­i. Kukhona oqamba amanga kodwa ngiyangaba­za ukuthi nguMnuz Pauw,” kusho uMaimane. Uthe kudingeka uMvikeli woMphakath­i aphenye ngalolu daba.

Ihhovisi likaMengam­eli likhiphe isitatemen­de esithi umengameli uyayiveza yonke imihlomulo ayitholayo futhi imibiko evela emaphephen­i yimizamo yokumthuna­za.

Umholi we-UDM uJenene Bantu Holomisa uthe:

“UZuma uphikile ukuthi wayeholelw­a nguMoodley ngakho uPauw kufanele eze nobufakazi abunikeze izinhlaka ezifanele,” kusho uHolomisa.

UMnuz Narend Singh we-IFP uthe uPauw nabanye abanobufak­azi obuthinta uZuma kufanele babunike izinhlaka ezifanele ngoba uma uZuma wakhohlisa iPhalamend­e uzoba necala.

Umholi weCope uMnuz Mosioua Lekota uthe bayayeseka imizamo ye-DA yokuthi kutholwe amarekhodi eRoyal Security azokhombis­a ukuthi ngobani abaqashwe kuyo ngo-2009

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa