Bakhale ‘ngokushaywa ngoluncane’ kukaManana
UNIKEZWE kuze kube yinamhlanje owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Mduduzi Manana, ukuthi ahlawule ngo-R100 000 noma avalelwe unyaka ejele emuva kokulahlwa yicala lokushaya nenhloso yokulimaza.
IMantshi eNkantolo yaseRandburg, eGoli, uMnuz Ramsamy Reddy, iyalele uManana ukuba akhokhe le mali aphinde asize umphakathi amahora angu-500 ukuze afunde ukulawula ukudinwa kwakhe.
UManana kuphinde kwathiwa makakhokhe abagilwa uR26 680.46.
NgoSepthemba 13, uManana walahlwa ngamacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza emuva kokuwavuma wonke.
Washaya abesifazane abathathu endaweni yobumnandi iCubana eseFourways, eGoli, ngo-Agasti 6. Isigameko saqoshwa ngeselula kwase kufakwa i-video yaso ezinkundleni zokuxhumana. UManana waze wesula esikhundleni sokuba yiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme emuva kwalesi sigameko ngenxa yokugxekwa ngumphakathi nezinhlangano ezilwa nokuhlunyezwa kwabesifazane. UManana wathi wasakaza uNksz Noluthando Mahlaba nempama emuva kokuthi embize ngesitabane. Uthe wamshaya ebusweni, emhlabe waphinde wamdonsa ngezinwele, wamshaya noma esewele phansi. Emuva kokushaywa kukaNksz Mahlaba abangani bakhe oNksz Monoisa Duma noNksz Thina Mopipa bangenelela nabo bashaywa Emuva kwecala amalungu e-ANC nawe-EFF abe nokuhilizisana ngaphandle kwenkantolo. Awe-EFF abekhala ngokuthi uManana ushaywe ngoswazi oluncane.