UmkaZuma nomkhankaso wokuxwayisa ngesifo
NAMHLANJE kuzoxwayiswa ngengozi yesifo sikashukela eMathobelumthetho, eNewcastle, lapho inhlangano kankosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uNkk Bongi Ngema-Zuma noNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo bezohlola umphakathi, bawuchazele ngokubaluleka kokugwema lesi sifo.
I-World Diabetes Day igujwa njalo ngoNovemba 14 emhlabeni jikelele. Kulo nyaka indikimba igxile kwabesifazane nesifo sikashukela nelungelo labo lokuba nempilo enhle.
Abantu bazoqala ngohambo lokuzivocavoca bahlolwe isifo sikashukela bafundiswe ngaso. UDkt Ntshiki Molefe-Osman oyisazi sesifo sikashukela enhlanganweni iLilly South Africa uthe ushukela yisifo esidalwa yindlela okuphilwa ngayo futhi okufanele ishintshe ngoba baningi abantu baseNingizimu Afrika abahlaselwa yiso.
“Abantu bavamise ukuphatheka kabi uma bezwa ukuthi banoshukela kodwa yisifo esingagwemeka uma ushintsha indlela ophila ngayo. Ukuphila kahle yinto elula ngokuthi ushintshe ukudla okudlayo. Niqale ukuzivocavoca niwumndeni ucele nosizo kudokotela wakho,” kusho uDkt Molefe-Osman.
Uthe ushukela unezinhlobo ezimbili okuyiType 1 lapho umzimba usuke ungakhiqizi i-insulin eyanele ukuze kulawuleke ushukela osemzimbeni womuntu.
Lolu hlobo lukashukela uthe luvamise ukuhlasela izingane ezincane futhi alikho ikhambi lawo ngaphandle kokushintsha indlela umuntu aphila ngayo.
Uhlobo lwesibili yiType 2 diabetes aveze ukuthi lujwayelekile emhlabeni jikelele. Lapha umzimba ukhiqiza i-insulin kodwa ungayisebenzisi gendlela efanele.
Ubalule ukuthi ngo-2015 babengu-2.28 million abantu ababeneType 2 diabetes.
“IType 2 diabetes ivamise ukuholela ekukhuluphaleni ngokweqile. Uma kukhona owayenoshukela emndenini wakho amathuba okuthi ukuhlasele makhulu. Nawo ungalungiseka uma uphila kahle, ushintshe indlela odla ngayo futhi uzivocavoce,” kusho uDkt MolefeOsman.
Uthe abantu kufanele bangazizibi lezi zimpawu ezilandelayo: ukuncipha okungaqondakali, ukuchama njalo, ukungabi nemizwa ezandleni nasezinyaweni, ukoma ngokweqile, ukwezela, ukucanuzela kwenhliziyo nokungaboni kahle.
Ugqugquzele ukuthi kufundwe kabanzi ngesifo sikashukela ukuze abantu baqonde ukuthi kufanele benze luphi uququko empilweni yabo.
Uthe kufanele badle ukudla okunomsoco ukuze izinga likashukela lihlale lisesimweni esamukelekile.
“Abantu kufanele bazijwayeze ukuzivocavoca ukuze ushukela uhlale usesimweni esikahle. Ukuzivocavoca kwehlisa ukhwantalala nesisindo somzimba. Kubalulekile ukudla imithi yakho kashukela. Uma ujova ulandele imiyalelo kadokotela. Okokugcina wukuthi abantu abanoshukela kufanele behlise ukukhathazeka emoyeni bazame ukuhlala bejabule. Akufanele babheme ngoba ugwayi uyingozi kakhulu kubo,” kusho uDkt Molefe-Osman.