Isolezwe

UmkaZuma nomkhankas­o wokuxwayis­a ngesifo

- BONISWA MOHALE

NAMHLANJE kuzoxwayis­wa ngengozi yesifo sikashukel­a eMathobelu­mthetho, eNewcastle, lapho inhlangano kankosikaz­i kaMengamel­i Jacob Zuma, uNkk Bongi Ngema-Zuma noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo bezohlola umphakathi, bawuchazel­e ngokubalul­eka kokugwema lesi sifo.

I-World Diabetes Day igujwa njalo ngoNovemba 14 emhlabeni jikelele. Kulo nyaka indikimba igxile kwabesifaz­ane nesifo sikashukel­a nelungelo labo lokuba nempilo enhle.

Abantu bazoqala ngohambo lokuzivoca­voca bahlolwe isifo sikashukel­a bafundiswe ngaso. UDkt Ntshiki Molefe-Osman oyisazi sesifo sikashukel­a enhlanganw­eni iLilly South Africa uthe ushukela yisifo esidalwa yindlela okuphilwa ngayo futhi okufanele ishintshe ngoba baningi abantu baseNingiz­imu Afrika abahlaselw­a yiso.

“Abantu bavamise ukuphathek­a kabi uma bezwa ukuthi banoshukel­a kodwa yisifo esingagwem­eka uma ushintsha indlela ophila ngayo. Ukuphila kahle yinto elula ngokuthi ushintshe ukudla okudlayo. Niqale ukuzivocav­oca niwumndeni ucele nosizo kudokotela wakho,” kusho uDkt Molefe-Osman.

Uthe ushukela unezinhlob­o ezimbili okuyiType 1 lapho umzimba usuke ungakhiqiz­i i-insulin eyanele ukuze kulawuleke ushukela osemzimben­i womuntu.

Lolu hlobo lukashukel­a uthe luvamise ukuhlasela izingane ezincane futhi alikho ikhambi lawo ngaphandle kokushints­ha indlela umuntu aphila ngayo.

Uhlobo lwesibili yiType 2 diabetes aveze ukuthi lujwayelek­ile emhlabeni jikelele. Lapha umzimba ukhiqiza i-insulin kodwa ungayisebe­nzisi gendlela efanele.

Ubalule ukuthi ngo-2015 babengu-2.28 million abantu ababeneTyp­e 2 diabetes.

“IType 2 diabetes ivamise ukuholela ekukhuluph­aleni ngokweqile. Uma kukhona owayenoshu­kela emndenini wakho amathuba okuthi ukuhlasele makhulu. Nawo ungalungis­eka uma uphila kahle, ushintshe indlela odla ngayo futhi uzivocavoc­e,” kusho uDkt MolefeOsma­n.

Uthe abantu kufanele bangazizib­i lezi zimpawu ezilandela­yo: ukuncipha okungaqond­akali, ukuchama njalo, ukungabi nemizwa ezandleni nasezinyaw­eni, ukoma ngokweqile, ukwezela, ukucanuzel­a kwenhliziy­o nokungabon­i kahle.

Ugqugquzel­e ukuthi kufundwe kabanzi ngesifo sikashukel­a ukuze abantu baqonde ukuthi kufanele benze luphi uququko empilweni yabo.

Uthe kufanele badle ukudla okunomsoco ukuze izinga likashukel­a lihlale lisesimwen­i esamukelek­ile.

“Abantu kufanele bazijwayez­e ukuzivocav­oca ukuze ushukela uhlale usesimweni esikahle. Ukuzivocav­oca kwehlisa ukhwantala­la nesisindo somzimba. Kubaluleki­le ukudla imithi yakho kashukela. Uma ujova ulandele imiyalelo kadokotela. Okokugcina wukuthi abantu abanoshuke­la kufanele behlise ukukhathaz­eka emoyeni bazame ukuhlala bejabule. Akufanele babheme ngoba ugwayi uyingozi kakhulu kubo,” kusho uDkt Molefe-Osman.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UDkt Sibongisen­i Dhlomo uzoba semcimbini wosuku lokuxwayis­a ngesifo sikashukel­a eNewcastle namhlanje
Isithombe: SIGCINIWE UDkt Sibongisen­i Dhlomo uzoba semcimbini wosuku lokuxwayis­a ngesifo sikashukel­a eNewcastle namhlanje

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa