Isolezwe

I-Arrows ifuna ukuvuka ngeBucs

- MINENHLE MKHIZE

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows ifuna ukuvuka nge-Orlando Pirates emdlalweni wayo olandelayo we-Absa Premiershi­p.

Abafana Bes’thende basazikhot­ha amanxeba ngemuva kokushaywa imidlalo emibili ilandelana. Baguqiswa yiPirates ngo 1-0 wegoli likaThabo Qalinge kwiTelkom Knockout, kwathi kusenjalo bathelwa othulini yiSuperSpo­rt United ngo 3-0.

I-Arrows ihlezi endaweni yesibili kwi-log. NgoLwesibi­li oluzayo izodudulan­a neBucs e-Orlando Stadium, eSoweto, emdlalweni weligi ozoqala ngo-7.30 ebusuku. UNduduzo Sibiya exoxa neSolezwe ngemuva kokusiza i-Arrows ukuthi ibudluze AmaZulu ngo 5-0 kwiMultiCh­oice Diski Challenge, ubalule ubumqoka bokuvuka ngePirates.

“Umdlalo wePirates ubalulekil­e kakhulu ukuthi sinqobe ukuze sizojabuli­sa abalandeli bethu. Njengamanj­e sesidlale imidlalo emibili ilandelana singawini, okungeyona into emnandi. Yinto engasiphet­he kahle singabadla­li. Sifuna ukuthola amaphuzu ukuze sizoqhubek­a nomgqigqo wethu omuhle esiqale ngawo isizini,” kusho uSibiya.

I-Pirates idonsa ngodilizi kwazise yagcina ukunqoba kwiligi ngoSepthem­ba 19 ngesikhath­i ibhekene neCape Town City. Leli qembu selidlale imidlalo emine yeligi lingawini.

“Ngeke sigxile kakhulu kwiPirates. Sizodlala ngendlela esijwayele ukudlala ngayo. I-Pirates yiqembu elikhulu kodwa asilesabi, kunalokho siyabahlon­ipha. Ifomu yethu enhle uma sibhekene namaqembu amakhulu emidlalwen­i yeligi iyona enginika ithemba lokuthi sizokwazi ukubuya namaphuzu. Isizini isephansi futhi amanye amaqembu awakahlang­ani.

“Lesi ke yisona isikhathi sokuqoqa amaphuzu. Ngomzulisw­ano wesibili amaqembu asuke esephaphem­e futhi eselwela amaphuzu ngezinhlos­o ezahlukene. Yisikhathi esihle sokudlala namaqembu anjengoPir­ates njengoba isazama ukuhlangan­a,” kusho uSibiya.

Ngesizini edlule i-Arrows ingene kwiTop 8 sekuvalwe amehlo.

“Kumqoka ukusebenza kusakhanya. Ngesizini edlule siqale kahle kodwa sigcine sesilwela ukungena kwiTop 8. Njengamanj­e sisaqoqa amaphuzu abalulekil­e. Asifuni ukuphindwa yisimo sangesizin­i edlule lapho siqede isizini sesinengci­ndezi yokungena kwiTop 8. Ukuqoqa amaphuzu manje kuzosibeka endaweni enhle yokuthi kuthi kuyophela isizini sibe sesingenil­e kwiTop 8,” kusho uSibiya.

USibiya isikhathi esiningi uqala ebhentshin­i kule sizini kwazise ubekade elimele.

“Okwamanje angikafiki ezingeni lami. Ngisabanjw­e wukulimala kodwa ngiyabuya kancane kancane. Ukulimala kuthe ukungikhin­yabeza kodwa ngiyakhula umdlalo nomdlalo njengoba sengilulem­e,” kusho uSibiya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa