Isolezwe

Usuthu lugaqele oweDowns

- ZAKHELE XABA

USUNGENELW­E nangaMaZul­u umbango womdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uKwanda Mngonyama, obhuquza ekhaya kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.

UMngonyama ubekade ebolekiswe kwiMaritzb­urg United ngamasizin­i amabili edlule. Ngaphambi kwalokho iSundowns ibimboleki­se kwiBidvest Wits lapho afike khona washaya into ecokeme ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt.

Nokho umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, akakaze ayibone indawo kaMngonyam­a eqenjini lakhe. UMngonyama akabhalisi­we yiSundowns kwiPremier Soccer League (PSL). Isolezwe lithole ukuthi AmaZulu angelinye lamaqembu afuna ukubolekwa lo mdlali.

Usuthu kusukela lubuyele kwiAbsa Premiershi­p, lunezinkin­ga kubadlali basemuva abahlaselw­e wukulimala okwenza kube nzima kumqeqeshi uCavin Johnson ukubophela inqanawe yesikimu. Ngaphandle kwaMaZulu, amaqembu afuna uMngonyama yiMaritzbu­rg United egodole nemali yokumtheng­a ekuqaleni kwesizini, neWits okuthiwa iSundowns ifuna ikhokhe u-R6 million uma imfuna. Kuvele ukuthi iTeam of Choice inqabile ukukhipha u-R4 million obufunwa yiSundowns. Kuthiwa kwale noma sekuthiwa ayilethe u-R2 million kwazise noMosimane kunabadlal­i abekade ebafuna kwiTeam of Choice, okukhona kubona uDeolin Mekoa noBrian Onyango kodwa yangavuma.

Umthombo osondelene noMngonyam­a ukuqinisek­isile ukuthi Usuthu luyamfuna lo mdlali.

“Kuyiqiniso ukuthi Usuthu luyamfuna uKwanda, izingxoxo zikhona. IWits nayo iyamfuna neMaritzbu­rg. Inkinga ngeSundown­s ukuthi ibheka ukuthi ufunwa yiliphi iqembu ukuze ibeke isamba semali eyifunayo. Umfana into ayifunayo wukudlala kodwa inkinga yiSundowns,” kusho uMthombo.

Usuthu lungelinye lamaqembu asevuzise amagoli amaningi kwiPremier­ship kusukela kuqale isizini kwazise selulande ezintanjen­i angu-13 emidlalwen­i eyishiyaga­lolunye. Luzobuyela enkundleni ngoNovemba 22 uma selwamukel­a iKaizer Chiefs emdlalweni wePremiers­hip eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-7.30 ebusuku.

Imenenja kaMngonyam­a, uSizwe Ntshangase, ayitholaka­langa ukuqinisek­isa ngamaqembu afuna lo mdlali.

Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, ungene ezintangen­i ngendaba yokufuna uMngonyama.

“Ngokubuka ukuthi siyashoda, kunabadlal­i abalimele, kucacile ukuthi iqembu lizofuna ukuyibheki­sisa leyo ndawo. Asifuni kodwa ukukhuluma ngezinto zabadlali okwamanje kodwa uma sekufike isikhathi iqembu lizophumel­a obala ngakho konke. Okwamanje iqembu liyaqhubek­a,” kusho uMkhathini.

UThulani “TT” Thuswa weSundowns ubengaluba­mbi ucingo izolo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKWANDA Mngonyama ogcine ukubonakal­a kwiMaritzb­urg United kuvela ukuthi ufunwa AmaZulu anenkinga yabadlali basemuva
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKWANDA Mngonyama ogcine ukubonakal­a kwiMaritzb­urg United kuvela ukuthi ufunwa AmaZulu anenkinga yabadlali basemuva
 ??  ?? BENNI MCCARTHY
BENNI MCCARTHY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa