Isolezwe

UMCCARTHY UZOBHEKANA NEKOMITI LE-PSL

-

UPOTSHOZA ngeke amangale uma kuwukuthi baningi abebevele bebala imidlalo ngaphambi kokuthi umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, azithole esebhekene nokuqondis­wa ubugwegwe yikomiti lePremier Soccer League (PSL).

UMcCarthy uyaziwa ngisho esengumdla­li ukuthi ubengakwes­abi ukusho noma yini emshisayo ngale kokukhatha­lela ukuthi iziphathim­andla zizothini.

NgoLwesibi­li oluzayo uzobhekana ubuso nobuso naleli komiti ngemuva kokubiza “ngenkomo” unompempe uPhilip Tinyani owayepheth­e umdlalo wezakhe neChippa United ngenyanga edlule.

UMcCarthy kuthiwa wabuzwa ngemuva komdlalo ngendlela uTinyani ayephethe ngayo umdlalo, waphendula wathi: “Ungangibuz­i ngaleyo nkomo.”

I-Platinum nayo izovela ngosuku olufanayo isolwa ngokungale­thi isikwati sayo kusenesikh­athi ngesikhath­i izodlala neMaritzbu­rg United koweligi ngenyanga edlule.

Izolo leli komiti belihlalel­e udaba lwesikhulu seBidvest Wits uJonathan Schloss okuthiwa wakhuluma amagama ayiziswana ewabhekise kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ababedlala nayo ngoSepthem­ba.

Ngemuva kwalowo mdlalo uKomphela wakhala “ngomlungu” osemphuze inyongo ngokumdele­la njalo.

Ngokwemibi­ko kuvela ukuthi iWits ishaya phansi ngonyawo ithi kungani uKomphela engabekwa icala ngokufaka ubuhlanga kungenasid­ingo enkulumwen­i ayenza. zopondo waqoma ukuzomela iNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations ngo-1996 lapho ashaya khona amagoli amabil kowamanqam­u anqobisa iBafana indebe ihlula iTunisia.

“Izophuma ngo-2018. Ngiyazi wonke umuntu uyafuna ukwazi iqiniso ngokuthi kungani ibhola laseNingiz­imu Afrika lingayi ndawo ngemuva kweminyaka emingaka. Iningi kakhulu ipolitiki ekhona. Ngebhadi yimina okumele ngisho iqiniso linjengoba linjalo,” kusho uWilliams. UDelron Buckley ngomunye umdlali okhiphe incwadi ngempilo yakhe, esuka lapha esengumfan­yana eyofuna amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le. kuvuselela inkontilek­a neZitshude­ni.

Ngesizini edlule bekubukeka umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ezogcina ephumelele ukuthola uMotshwari abefuna ukuqinisa ngaye iqembu lakhe.

Nokho lo mqeqeshi ugcine ekhalele kukaputeni we-Orlando Pirates, u-Oupa Manyisa, emuva kokuthi uMotshwari evumelene ngombandel­a neZitshude­ni wokuvusele­la ngeminyaka emibili.

UMotshwari ubefunwa nayiPirate­s.

UPotshoza utshelwe yingede yakhe engashayi eceleni ukuthi uMosimane usaqhubeka nokumfuna uMotshwari.

“Namanje uPitso usamfuna lo mfana. Uyamthanda. Kodwa asazi noma iWits izovuma yini ukumdedela. UPitso ukholwa wukuthi usengamtho­la,” kusho umthombo.

UMotshwari usanda kuhlinzwa edolweni emuva kokulimala iWits ibhekene neFree State Stars emasontwen­i edlule.

Lokhu kusho ukuthi ngeke abonakale emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout neKaizer Chiefs ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama.

 ??  ?? PITSO MOSIMANE
PITSO MOSIMANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa