Isolezwe

‘Angihambis­ani nokuhlaba’

- MCEBO MPUNGOSE

UMSAKAZI wohlelo lwasekusen­i kuKhozi FM, uSipho ‘DJ Sgqemeza’ Mbatha, uzifake obishini kubantu abalandela isiko lokuhlabel­a amadlozi ngokuthi athi yena akahambisa­ni nalo.

UDJ Sgqemeza uveze umbono wakhe ohlelweni iVuka Mzansi ngesikhath­i ekhuluma noMfundisi Thomas Radebe obuye ethule izinkulumo ezakhayo kulolu hlelo. Ephendula uSgqemeza uRadebe uthe vele wawudukile.

USgqemeza ugcizelele ukuthi usahlukana naleyo mpilo. URadebe uzwakale sengathi uyachazeka njengoba ethe vele wawuphambu­kile.

Ethintwa yintatheli yeSolezwe ngalolu daba, uDJ Sqgemeza ukuchithil­e ukuthi uke wenza lesi sitatimend­e emsakazwen­i, wathi yena noma esindisiwe kodwa uyazihloni­pha izinkolelo zabanye abantu.

URadebe ucele ukuthi athintwe ngemuva kwamahora amabili. Ngesikhath­i eseshayelw­a nokho ucingo lwakhe bese luvaliwe. Uthunyelel­we nomyalezo kodwa ugcine engabuyela­nga entathelin­i kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Ephawula, uCalvin Dludla uthe ukhombise ukungawuhl­oniphi umsebenzi uma esho into efana nalena esebenzisa isiteshi esilalelwa yizwe lonke. INingizimu Afrika inamasiko ahlukene futhi bekumele azi kangcono. UKhozi lusakazela bonke abantu bakuleli, ngaze ngaphoxeka.”

UVusi Zondi uthe kuyamphoxa ukuthi kusenabant­u abagxeka izinkolelo zabanye. Kukhona nokuphawul­a kwabanye abantu ngalolu daba.

Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe abasakazi abavumelek­ile ukugxeka emsakazwen­i.

“Abasakazi abavumelek­ile ukugxeka izinto emsakazwen­i. Singazibal­a izinkolelo zabantu ngoba kuleli kunomtheth­osisekelo ovikela izinkolo namasiko abantu. Kulolu daba ngeke ngiphawule ngithi usephuthen­i noma akekho ephutheni lo msakazi ngaphambi kokuthi ngiluzwe lolu hlelo nokuthi ubekhuluma ngani,” kusho uKganyago.

Ugqugquzel­e abalaleli ukuthi babikele inhlangano elawula imisakazo, iBroadcast­ing Complaints Commission of South Africa (BCCSA), uma benezikhal­o ngezinto abazizwa emsakazwen­i.

Ngenyanga edlule kube nesikhalo esithi asifane oKhozini, ngomfundis­i Mthembeni Mpanza weNazarite­s Church of God, oshumayela ngoMgqibel­o ogxeke abebandla lamaRoma aKhotholik­a “ngokukhonz­a” uMariya.

Inkulumo yakhe ayehlanga kahle emalungwin­i ebandla athi igxeka inkolo yabo.

UMpanza wathi akaziboni ephambukil­e entshumaye­lweni yakhe ngoba wayengagxe­ki ibandla kodwa wayehlaziy­a iBhayibhel­i. OMUNYE PHEZU KOMUNYE… KUMELE KUSHINTSHE IZINHLAMVU Siyanda EL Niño Mashila: NgoLwesibi­li Ukhozi FM kwiWoza Nabangani Bakho badlale ingoma ka-Ace Hood noChris Brown ethi Body to Body, phecelezi umzimba komunye umzimba, pho kungani ezesingisi eziyela ocansini zidlalwa? Chrisfive Weekend: Ayikho into okumele ishintshwe omunye phezu komunye kuchaza okuningi. Yinina enikhohlak­ele. Iculo alihlangen­e nocansi. Dlalani iculo nilalele nivale umlomo. Mfanafuthi Nhlakaniph­o Phungula: Kumele bayizwe uma iqala ingoma ukuthi ithini, “ey kwagcwala kangaka lana...” THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

UMUNYU KUVELA ABASOLWA NGOKUBULAL­A

Syabonga Nene: Baze bononya abantu besifazane. Umntwana ungenaphi ezindabeni zabadala? Lo muntu ubazi ukuthi ushadelwe unomndeni owesilisa.

Sanele Mthiyane: Hhayi siyobuzwa ngomzuzu wokugcina, nalo muntu wesifazane unesibindi kodwa nobaba wengane uyamudla unembeza ngokungane­liseki eseshadelw­e. Sengathi bangalala ngokuthula.

Goqozile Ndwandwe Umoya wenu ulale ngoxolo bafana bami. Izingane ezinhle zizobulawa ngumuntu nje onesikhwel­e. ISETHENJWA SE-CELTICS SIYILAXAZA PHANSI

Alfonzo Lwandle Dingiswayo: Impilo imfushane, umfana angazibamb­ezeli. Ngifisa aye kwiAjax ngoba amaqembu amakhulu ayaphuphis­ana.

Mfoloz’emnyama Ikhethabaw­eli: Eish sengathi angaya kwi-Arrows ngoba naye uyashesha, unebhola elihle kakhulu ngoba kwezami Ezimnyama kugcwele kakhulu uhlobo olunjengay­e. Angalinge aye khona uma esafuna ukudlala.

Goqozile Ndwandwe: Kabelo Mahlasela mfana wami ungazisoli kusasa ngokugijim­ela emaqenjini amakhulu aseGoli. IChiefs le esikukhohl­isile ibophele uju lwabadlali ozobanga nabo ijezi.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMSAKAZI woKhozi FM uDJ Sgqemeza okube nezikhalo ngenkulumo yakhe ezwakale igxeka ukuhlabela amadlozi
Isithombe: SIGCINIWE UMSAKAZI woKhozi FM uDJ Sgqemeza okube nezikhalo ngenkulumo yakhe ezwakale igxeka ukuhlabela amadlozi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa