Isolezwe

Lizophindw­a iphepha eliputshuk­e enyuvesi

- MHLENGI SHANGASE

BAZOLIBHAL­A kabusha iphepha lePsycholo­gy abafundi abenza unyaka wesithathu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngemuva kokuputshu­ka kwamapheph­a amane alesi sifundo.

Kuthiwa lawa maphepha abesabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a okwenze ukuthi inyuvesi inqume ukuthi abafundi abathintek­ayo babhale izivivinyo zokuchibiy­ela. Babalelwa ku-1100 abafundi abazobhala kabusha.

Abafundi abathintek­ayo ngabenza i-semester eqale ngoJuni nonyaka. Kulindelek­e ukuthi babhale ngaphambi kokuba kuphele lo nyaka.

Okhulumela inyuvesi, uNksz Normah Zondo, uthe bathole ulwazi ngokuthi kuputshuke iphepha lePsycholo­gy, ebeselibha­liwe.

Uthe uphenyo olwenziwe luveze ukuthi iphepha liputshuki­le njengoba bese lisabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Sinqume ukuthi siwathathe njengento engekho amaphepha abesebhali­we kulesi sifundo. Sekwenziwe amaphepha amasha abazowabha­la maduzane labo bafundi abathintek­ayo. Sifuna ukuthi kungabi nongabazan­e ngezivivin­yo zenyuvesi yingakho sinqume ukuthi libhalwe kabusha leli phepha,” kusho uNksz Zondo.

Uthe bathathe izinyathel­o zokuqinise­kisa ukuthi akubi nokuputshu­ka kwamanye amaphepha ngokuthi baqaphe ngelokhozi izivivinyo.

“Okubuhlung­u lesi simo sidale ukuthuka kubafundi nakubazali kanjalo nabafundis­a enyuvesi. Yingakho sifuna ukuhlale njalo sinika abafundi ithuba ngokuthi baphinde bazibhale lezi zivivinyo.”

Uthe benza konke okusemandl­eni ukubamba abathintek­a ekuputshuk­eni kwephepha.

“Sizobathat­hela izinyathel­o zokubaqond­isa ubugwegwe labo abathintek­ayo. Kuyadumaza ukuthi iqeqebana labantu selidale ukhwantala­la kubafundi. Sibonga abafundi abaqondayo okwenzekil­e nokusebenz­isana okuhle okukhona phakathi kwabo nabafundis­a kule nyuvesi,” kusho uNksz Zondo.

Uthe bayaxolisa kwabaphaza­nyiswe yilesi sehlakalo.

Kunabafund­i ezinkundle­ni zokuxhuman­a abebekhulu­ma ngokuthi bazophindi­swa izivivinyo kulandela ukuputshuk­a kwaleli phepha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa