Isolezwe

Livele enkantolo ikhansela ngesitifik­eti somkokotel­o

- PHILI MJOLI

LIVELE enkantolo yemantshi ikhansela laseKoksta­d elisolwa ngokuba nesitifike­ti sikamatric esingumbom­bayi.

UMnuz Mfundiso Siglam uvele enkantolo yemantshi izolo ngecala lokukhwaba­nisa.

USiglam kuthiwa ufike esiteshini samaphoyis­a ngoMsombul­uko ezocela ukuthi amaphoyisa aqinisekis­e ukuthi amakhophi esitifiket­i sakhe sikamatric enziwe ngesitifik­eti esingungqo. Iphoyisa ebelimsiza kuthiwa limtshele ukuthi ngeke likwazi ukugxiviza amakhophi akhe ngoba isitifiket­i singumbomb­ayi.

Kuthiwa udinwe wagana umwabu elwa nephoyisa elitshela ukuthi alikwazi ukubuka ngamehlo isitifiket­i sakhe bese limtshela ukuthi singumbomb­ayi.

Iphoyisa limtshele ukuthi lihlale lizibona izitifiket­i kodwa asikho esinjengal­esi. USiglam ulitshele ukuthi akuwona umsebenzi walo ukubheka isitifiket­i esingungqo kodwa umsebenzi walo ukubheka ukuthi ikhophi yenziwe ngalesi sitifiketi, uma kufana ligxivize.

Uthe umnyango wezemfundo kuphela ongaqinise­kisa ukuthi isitifiket­i sakhe singugqo noma singumbomb­ayi hhayi iphoyisa.

Ugcine esesola iphoyisa ngokumehli­sa isithunzi lithi uphethe umbombayi.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uColonel Thulani Zwane, uthe kusuke isidumo ikhansela lixabana nephoyisa okuphethe ngokuthi iphoyisa lize lifonele emnyangwen­i wezemfundo.

“Abomnyango wezemfundo bathe izinombolo ezibhalwe esitifiket­ini zingumbomb­ayi, kwaba ukuboshwa kwakhe uSiglam,” kusho uZwane.

Uqhube wathi amaphoyisa avule icala lokukhwaba­nisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa