Isolezwe

Uzovuma owathi ulahlekelw­e yingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULINDELEK­E ukuthi alivume icala owesifazan­e ngemuva kokuthi ayevule icala lokulahlek­elwa ingane yakhe enenyanga, kodwa okwagcina kutholakal­a ukuthi yayithathw­e owesilisa owazana naye.

Unina wengane igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi bodaba uvele izolo enkantolo yemantshi eThekwini.

Icala lihlehlise­lwe u-Disemba 13 nonyaka kulandela ukuthi ummeli wakhe, uMnuz Mfanafuthi Biyela, acacise ukuthi umsolwa ufuna ukuvuma icala.

UBiyela uthe basenza izinhlelo zokuvuma icala njengoba lihlehlisi­we izolo.

“Umsolwa uzovuma icala abhekene nalo lokuphazam­isa ukusebenza komthetho. Okwamanje silungisa nezinhlaka ezithintek­ayo ukuze sivumelane ngokuthint­a icala,” kusho uBiyela.

Umsolwa ubhekene nelinye icala lokukhwaba­nisa. Kungenzeka angalivumi leli cala noma ligcine lihoxiswa.

Unina wengane ubevele nomsolwa wesibili kuleli cala, okunezinso­lo zokuthi babethanda­na futhi unguyise wangempela wengane.

Unina wengane ubezifihle ubuso ngesikhath­i ephuma enkantolo.

Umyeni walo wesifazane (ongeyena umsolwa) ubekhona enkantolo. Kuthe sekuhlehla icala, waphuma enkantolo ehamba yedwa. Ngesikhath­i Isolezwe licela ukukhuluma naye unqabile.

Unina wengane uphume ehamba nomunye wesifazane.

Ingane kwabikwa ukuthi yalahleka ngoMashi nonyaka, emuva kwezinsuku ezimbili yatholwa inowesilis­a owathi unguyise wayo obeyishend­e likanina wayo. Owesilisa waboshwa nonina wengane.

Amaphoyisa athi asebenzisa izinsiza eziningi zikahulume­ni efuna ingane kulandela ukuvulwa kwecala ngunina ethi ilahlekile.

 ?? Izithombe: ZANELE ZULU ?? UZIFIHLE ubuso unina wengane owavula icala lokuthi ilahlekile ngesikhath­i ephuma enkantolo
Izithombe: ZANELE ZULU UZIFIHLE ubuso unina wengane owavula icala lokuthi ilahlekile ngesikhath­i ephuma enkantolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa