Uzovuma owathi ulahlekelwe yingane
KULINDELEKE ukuthi alivume icala owesifazane ngemuva kokuthi ayevule icala lokulahlekelwa ingane yakhe enenyanga, kodwa okwagcina kutholakala ukuthi yayithathwe owesilisa owazana naye.
Unina wengane igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi bodaba uvele izolo enkantolo yemantshi eThekwini.
Icala lihlehliselwe u-Disemba 13 nonyaka kulandela ukuthi ummeli wakhe, uMnuz Mfanafuthi Biyela, acacise ukuthi umsolwa ufuna ukuvuma icala.
UBiyela uthe basenza izinhlelo zokuvuma icala njengoba lihlehlisiwe izolo.
“Umsolwa uzovuma icala abhekene nalo lokuphazamisa ukusebenza komthetho. Okwamanje silungisa nezinhlaka ezithintekayo ukuze sivumelane ngokuthinta icala,” kusho uBiyela.
Umsolwa ubhekene nelinye icala lokukhwabanisa. Kungenzeka angalivumi leli cala noma ligcine lihoxiswa.
Unina wengane ubevele nomsolwa wesibili kuleli cala, okunezinsolo zokuthi babethandana futhi unguyise wangempela wengane.
Unina wengane ubezifihle ubuso ngesikhathi ephuma enkantolo.
Umyeni walo wesifazane (ongeyena umsolwa) ubekhona enkantolo. Kuthe sekuhlehla icala, waphuma enkantolo ehamba yedwa. Ngesikhathi Isolezwe licela ukukhuluma naye unqabile.
Unina wengane uphume ehamba nomunye wesifazane.
Ingane kwabikwa ukuthi yalahleka ngoMashi nonyaka, emuva kwezinsuku ezimbili yatholwa inowesilisa owathi unguyise wayo obeyishende likanina wayo. Owesilisa waboshwa nonina wengane.
Amaphoyisa athi asebenzisa izinsiza eziningi zikahulumeni efuna ingane kulandela ukuvulwa kwecala ngunina ethi ilahlekile.