Isolezwe

Babambe umoya abakhosele etendeni

- PHILI MJOLI

BABAMBE umoya abahlala emijondolo esemgwaqwe­ni uForeman, eSydenham, abakhoseli­swe etendeni ngenxa yemvula elokhu iyidlive kusukela izolo.

Ingxenye yaleli tende bese ilele phansi ngenxa yomoya obuhambisa­na nemvula.

Imijondolo elinganise­lwa ku-1 000 icekelwe phansi ngumlilo ngeSonto, kwashona uMnuz Eric Mpanza, unina wengane yakhe, uNksz Mbali Xulu, nengane yabo uSisipho.

UMnuz Simlindile Nomvete, osekomitin­i lokuthuthu­kiswa komphakath­i, uthe umasipala ubathembis­e ukuthi namhlanje uzoqala ukwakha kabusha imijondolo eshile.

“Umasipala uvule izandla wathi asisho ukuthi sifuna ukuthi usakhele kabusha imijondolo noma usinikeze izimpahla zokwakha sizakhele. Njengamanj­e umphakathi ubungakasi­thathi isinqumo sokuthi kuzokwenze­kani. Umasipala ufuna ukuthi sakhe ngendlela yokuthi kube lula ukuthi kufakwe ugesi. Okubi wukuthi isimo sezulu sibona sengathi ngeke sivume ukuthi kuqale kwakhiwe,” kusho uNomvete.

Ingxenye yomphakath­i oficwe yiSolezwe ibikhathaz­ekile ngenxa yokuthi itende bekubonaka­la ukuthi lingawa noma yinini ngoba izikhonkwa­ne bese zithambile ngenxa yomoya.

UNksz Thobeka Majeke nabanye omakhelwan­e bakhe bebemi ngezinyawo etendeni. Uthe kunzima, akazi ukuthi bazolala kanjani ngoba indawo isinciphil­e ngenxa yamanzi abengena etendeni.

“Angiboni ukuthi lolu hlelo lukamasipa­la luzoqala ngenxa yemvula, okusho ukuthi ngempelaso­nto sizobe sihleli kulo leli tende,” kusho uNksz Majeke.

UNomvete uthe alikho ihholo eliseduze elingasets­henziselwa ukukhoseli­sa abantu.

“Uma kungenzeka umasipala usitholele ihholo kukhona futhi abazoba nenkinga ngoba basebenza eduze kwalapha,” kusho uNomvete.

UMnuz Mqapheli Bonono uthe etendeni kunabantu abagulayo abangazi ukuthi bazobenzen­jani uma liwa.

Okhulumela umasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe ithimba lezinhleke­lele lisiqaphil­e isimo.

Uthe umasipala usabonisa nabathinte­kayo mayelana nokuthi kuzokwakhi­wa kanjani.

UNomvete uthe basazama ukuthola imindeni yabashonil­e.

“UNksz Xulu owaseShowe kuthiwa akasenabo abazali. Kunomfowab­o okuthiwa ulapha eThekwini kodwa akekho onezinombo­lo zakhe. UMpanza owaseMozam­bique kuthiwa unomfowabo ohlala eMlaza naye asazi ukuthi sizomthola kanjani,” kusho uNomvete.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? BAHLALELE ovalweni lokuthi lingase liwe noma yinini itende abakhosele kulo abashelwa yimijondol­o eSydenham, njengoba imvula ilokhu iyishaya
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU BAHLALELE ovalweni lokuthi lingase liwe noma yinini itende abakhosele kulo abashelwa yimijondol­o eSydenham, njengoba imvula ilokhu iyishaya
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa