Isolezwe

Kuphenywa ngokubulaw­a kosomateki­si ababili eHighflats

- NONTUTHUKO NGUBANE

AMAPHOYISA athungatha ababulali kulandela ukudutshul­wa kosomateki­si ababili baseHighfl­ats ngoyaba lwezinhlam­vu ngoLwesibi­li.

Osomatekis­i abasebenza kusoseshin­i waseHighfl­ats kuthiwa babesemotw­eni ngesikhath­i kuqhamuka imoto engaziwa ihamba abasolwa, abafike bavulela ngenhlamvu.

Isigameko senzeke ngasesikol­eni iHighflats emgwaqweni u-R612.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe baphenya amacala amabili okubulala.

“Abasolwa badubule laba ababili bababulala, base bebaleka endaweni yesigameko. Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa. Amaphoyisa aseHighfla­ts aphenya amacala amabili okubulala. Akekho osaboshiwe kodwa uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uZwane.

Amaphoyisa acele abanolwazi ukuba bawathinte.

Umthombo weSolezwe ongathanda­nga ukudalulwa uthe kusolwa wona umsebenzi wamatekisi ngokubulaw­a kwalaba.

“Omunye umnikazi wamatekisi kulaba abahlaselw­e (emdalula ngegama) sewake wahlaselwa nonyaka bezama ukumbulala kodwa bahluleka. Kubangwa wona umsebenzi yize kungacaci ukuthi yini ebifuneka,” kusho umthombo.

Imenenja kwi-Santaco eKZN uMnuz Sfiso Shangase ithe nabo baphithene amakhanda ngokubulaw­a kosomateki.

“Asazi manje ukuthi yikuphi okumele sikusho ukuze kuphele ukubulawa kwabantu kule mboni. Sekwanele manje, asikho isidingo sokuba abantu babulalane uma kukhona abangakubo­ni ngaso linye. Kumele sifunde ukuhlala phansi sixoxisane kule mboni,” kusho uShangase.

Uthe bazoluland­elela udaba lwaseHighf­lats ukuthola ukuthi ikuphi inkinga.

“Siyathola ukuthi indaba yemizila iyona eyinkinga kakhulu kososeshin­i. Okubuhlung­u wukuthi kukhona abantu abanobugeb­engu embonini abahlose ukubulala abanye abantu,” kusho uShangase.

UShangase uthe abanolwazi ngalokhu kuhlaselwa ucela bathinte imboni noma bethinte amaphoyisa ukuze bezoboshwa ababulali.

Imizamo yokuthola imindeni yalaba somatekisi­ni ababulewe ayiphumele­langa izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa