UChikane nomkhankaso wokulwa nenkohlakalo
UKUKHWABANISA nokuthinteka enkohlakalweni kuyefana nse nokuvukela umbuso wezwe.
Usho kanje uDkt Frank Chikane kuleli sonto ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eDenis Hurley Centre, eThekwini.
UDkt Chikane onguMfundisi e-Apostolic Faith Mission Of South Africa eNaledi, Soweto, uphinde asebenze enhlanganweni yamabandla ehlukene iSouth African Council Of Churches (SACC).
Ubethula ngokusemthethweni umkhankaso weSACC ibambisene neKwaZulu-Natal Council Of Churches (KZNCC), wokugqugquzela abantu, ikakhulukazi abamabandla ukuthi basukume abambe iqhaza uma kuvotelwa uhulumeni nokuthi balwele ukuthi izwe lingaweli ezandleni zabakhohlakele.
“Sasindawonye emngceleni nalaba bantu asebegcwele inkohlakalo nokukhwabanisa. Ngesikhathi somzabalazo thina makholwa sasimele ubulungiswa. Kodwa manje abamasonto sebeshaywa indiva,” kubalisa uDkt Chikane. Uzwakalise ukudumala ngokuthi kunedlanzana elilawula umbuso busululu wathi linukelwa yijele.
“Sifuna ukubaxwayisa njengamabandla ukuthi hhayi ngoba singaboni ukuthi kwenzekani,” kusho uDkt Chikane.
Uthe kusukela manje kuze kuyofika ukhetho lwango-2019, bazophuma umkhankaso bangene i-ward ne-ward ngenhloso yokugqugquzela bonke abantu bakuleli ukuthi babe yingxenye yokuba yizingqapheli zokhetho.
NgokukaDkt Chikane, ayikho i-ward engenawo amabandla ezindaweni ezihlala abantu abamnyama kuleli.
“ISoweto iyodwa nje, inenqwaba yamabandla kwiward ngayinye. Ngakhoke ngeke kube yinkinga ukugqugquzela abantu ukuthi babambe iqhaza okhethweni njengamabandla.”
Uthe okubalulekile ezweni ngesikhathi sokhetho wukuthula. Nakuba kunjalo, uthe ngeke kube khona ukuthula nokungachemi uma abantu bethule bengasho lutho izinto zibe zonakala.
Egcizelela inkohlakalo kubaholi wenze isibonelo ngeKenya, okwenze ukuthi ukhetho lwakhona luze luqalwe phansi ngenxa yokuthi kolokuqala kube khona okungahanjiswanga kahle ngamavoti.
Nasokhethweni lwaseDemocratic Republic of Congo (DRC) uthe kuze kwaphoqeleka ukuthi luhlehliselwe unyaka ozayo ngenxa yokubikwa kwezigameko zenkohlakalo.
“Asinankinga nokuguqulwa kwezisekelo zomnotho. Kodwa asifuni ukutshelwa yindoda ekhohlakele ukuthi lokho kusho ukuthini,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi uma ingasheshei inqandwe le nkohlakalo yendoda eyodwa, izohamba ize ifinyelele ekukhwatshanisweni kwamavoti.
“Yingakho sifuna ukuthi kube khona izithunywa ezivela emabandleni kuleli ezizoba yingxenye yokubalwa kwamavoti ngo-2019,” kugcizelela uDkt Chikane.