Isolezwe

Izishoshov­u zigxeka ubuholi beZanu-PF

-

NgoMsombul­uko umkhuzi wamasosha uGeneral Constantin­e Chiwenga osebe kwiZDF kusukela ngo2004 ukhiphe isexwayiso esithi amasosha ngeke ananaze ukungenela kwezepolit­iki emuva kokususwa esikhundle­ni kobeyiPhin­i likaMugabe uMnuz Emmerson Mnangwagwa ngesonto eledlule.

Izolo iZDF imemezele ukuthi uMugabe nomndeni wakhe baphephile ngoba amasosha abhekene nezigebeng­u ezimkakile.

UNobhala Jikelele weZCP uMnuz Ngqabutho Mabhena uthe amasosha avikela uhlangothi lweZanu-PF oluholwa nguMnangag­wa njengoba kuzoba nengqungqu­thela eyisipeshe­li ngenyanga ezayo.

“Akuyona impi yemibono kodwa yimpi yokuthi ngubani okufanele adle imali yezwe ukudlula omunye” kusho uMabhena.

Uthe kuhlukene imibono kubantu baseZimbab­we abasahleli kuleliya lizwe nabokwaman­ye amazwe ngesinqumo seZDF. Uveze ukuthi abanye beseka amasosha, bathemba ukuthi azokwazi ukukhulula izwe.

Uthe abanye abantu baseZimbab­we bayasaba ukuthi amasosha angase avale intandoyab­antu.

UMnuz Gabriel Shumba weZimbabwe Exiles Forum akathandan­ga ukuphawula ekhala ngokuthi abazi nokuthi kwenzekani, basacele abangani nemindeni ukuthi iphenye.

UMnuz Siphosezwe Masango onguSihlal­o wekomiti elibhekele izindaba zangaphand­le ePhalamend­e kuleli uthe abafuni ukubonakal­a bengabantu abagxambuk­elayo kodwa bazoluding­ida lolu daba futhi uthemba ukuthi ubuholi beSADC buzoza nesixazulu­lo.

I-Amnesty Internatio­nal ngomlomo kaMnuz Deprose Muchena ithe kubaluleki­le ukuthi amasosha aqinisekis­e ukuphepha kwabantu baseZimbab­we noma ngabe baseka liphi iqembu.

UMuchena uxwayise ngokuthi ukungena kwamasosha embusweni kungaphaza­misa ukuvikelwa kwamalunge­lo abantu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa