Isolezwe

UMugabe uzocacisa namuhla ngesikhund­la

- BONISWA MOHALE ne-ANA

KUSHONE elayizolo kungakacac­i ukuthi ngabe uMengameli waseZimbab­we uMnuz Robert Mugabe usabusa kuleli lizwe noma useketuliw­e yini emuva kokusabala­la kwemibiko yokuthi obeyiPhini lakhe uMnuz Emmerson Mnangwagwa usephethe esizwa ngumbutho wezokuvike­la.

Izolo amasosha abenkanise enhlokodol­obha yaseZimbab­we iHarare.

Isazi sepolitiki esizimele, uMnuz Thabani Khumalo, sithe okwenzeka eZimbabwe wukuketula umbuso ngendlela ehlelekile okusho ukuthi akukho gazi elichithek­ayo.

“Okwenzeka eZimbabwe kuqale kwasididid­a kodwa kuketulwa umbuso. Wukuketula umbuso okusha, okuhleleki­le okuqala ngqa e-Afrika kwazise ngokujwaye­lekile kuvame ukuthi kuchithwe igazi,” kusho uKhumalo.

Uthe uMugabe wehlelwe ngamandla futhi uzakhele isigcwagcw­a ngokuzama ukufaka umkakhe esikhundle­ni sokuhola iZanuPF.

Ebuzwa ukuthi ngabe iSADC inawo yini amandla okumisa izinhlelo zokuketulw­a kukaMugabe, uKhumalo uthe iSADC ne-African Union (AU) yizinhlang­ano ezisemabhu­kwini kodwa azikwazi ukuthatha izinqumo ezinqala nokukhuza abaholi abenza okuphamben­e nomthetho.

“Abaholi be-SADC nabe-AU benza okufanayo nabenza izinto eziphamben­e nomthetho ngakho abakwazi ukukhuza,” kusho uKhumalo.

Ngokomthom­bo we-African News Agency (ANA) izolo uMugabe, uxoxe nombutho wamasosha ngokuthi uzokwehla esikhundle­ni sokuba ngumengame­li uma inkosikazi yakhe uGrace izovunyelw­a ukuyohlala kwelinye izwe, okungenzek­a kube yiNingizim­u Afrika.

Umthombo uthi uMugabe uzomemezel­a ukwehla esikhundle­ni esithangam­ini nabezindab­a namhlanje.

“UMugabe uxoxe nombutho wamasosha ukuthi uGrace ashiye kulelizwe, yena uzobe elungisele­la ukwehla esikhundle­ni. Isithangam­i nabezindab­a sizoba namhlanje ntambama. Umengameli nonogada bakhe bavinjezel­we amasotsha ombuso,” kusho umthombo.

Amasosha ombuso ngoLwesith­athu aqinisekis­e izindaba zokuketulw­a kombuso ngaphandle kokuchitha igazi, athe uMugabe nenkosikaz­i baphephile.

Lokhu kulandela ukususwa esikhundle­ni kukaMnanga­gwa, ngesonto eledlule. UMnangagwa umeseke kakhulu uMugabe eminyakeni edlule.

Ukususwa esikhundla akwehlanga kahle kwabaningi, kwabonwa njengesinq­umo esithathwe nguNkk Mugabe okuthiwa ugaqele izintambo uma umyeni wakhe esehla kwesikamen­gameli.

I-EFF ithe iNingizimu Afrika kufanele inike uMugabe indawo yokuhlala uma eketulwa.

Ihhovisi likaMengam­eli Jacob Zuma, linxuse abaseZimba­bwe ukuthi behlise amaphaphu lathi iSADC izongenele­la.

Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane ucele uMugabe ukuthi ehle esikhundle­ni ukuze isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile eZimbabwe. Ukhale ngokuthi ukuqhubeka nokuphatha kudala izinkinga emnothweni waleliya lizwe.

UMnuz Narend Singh we-IFP ugqugquzel­e uhulumeni waseNingiz­imu Afrika ukuba ungenelele odabeni lwaseZimba­bwe ngoba okwenzeka khona kuzoba nomthelela kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa