Isolezwe

Oshayelela imeya usolwa ngokushaya

- PHILI MJOLI

KUSOLWA isikhwele koshayelel­a iMeya kaMasipala yaseMuziwa­bantu okuthiwa uvulele ngempama kowesifaza­ne obesemalil­e emphoqa ukuthi ahlukane nesoka elisha.

UMnuz Dumisani Cwele (44) kuthiwa uvulele ngempama kowesifaza­ne (33) oyimenenja yomunye weminyango kamasipala kubuka abantu, esuphamake­the eHarding, ngoMgqibel­o. Uvele enkantolo yemantshi izolo.

Kuthiwa uCwele nowesifaza­ne bake bathandana phambilini kodwa baxabana. Owesifazan­e wabe eseqoma omunye usomabhizi­nisi. Lokhu kuthiwa akwehlanga kahle kuCwele obesenethe­mba lokuthi basazobuye­lana.

Kuthiwa ubecikeka uma ebona owesifazan­e etetemuka nosomabhiz­inisi okuthiwa unebhizini­si lokungcwab­a endaweni.

Umthombo ozibonele ngokwawo kwenzeka lokhu uthe owesifazan­e ubezihambe­la yedwa egilosa esuphamake­the ngesikhath­i ehlangana nowayeyiso­ka lakhe. “Ngesikhath­i behlangana uCwele uvimbe inqola yakhe yezimpahla. Baxoxa ngemuva kwesikhash­ana kuzwakale uCwele ethi: “Akehlukane no... (emusho ngesibongo). Angizwanga ukuthi owesifazan­e uphendule wathini. Ngibone esededela impama ephindelel­a kowesifaza­ne, maqede wahamba,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­e, uCol Thulani Zwane, uthe owesifazan­e oneminyaka ewu-33 uvulele indoda eneminyaka ewu-44 icala lokushaya esiteshini samaphoyis­a eHarding.

“Umsolwa uvele enkantolo yemantshi namhlanje. Mayelana nokuthi kwenzekeni enkantolo, angikabi nalo ulwazi ngoba idokodo alikabuyi enkantolo,” kusho uZwane.

Imeya yomkhandlu, uNkk Dixie Nciki, ithe ibingenalo ulwazi lokuthi abasebenzi bakhe bavulelene amacala.

“Ngiyaqala ukuzwa ngalokhu. Ngeshwa angikho kwamasipal­a ngikomunye umhlangano. UCwele akafikanga namhlanje (esho izolo) emsebenzin­i kodwa ngicabange ukuthi uvinjwe yisimo sezulu. U .... (esho igama lakhe) ngimbonile kancane ekuseni sabingelel­ana kodwa akazange asho lutho ngodaba. Uphiko lwezimoto lungaphans­i kwemenenja kamasipala, ngisazohla­ngana nayo sibonisane ukuthi udaba lungasinga­thwa kanjani,” kusho uNkk Nciki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa