Isolezwe

Ifuna ikhomishin­i ezophenya inkohlakal­o

- ZANELE MTHETHWA

NGEKE iphele inkohlakal­o uma kushiywa ngaphandle osopolitik­i nabaholi kwezamabhi­zinisi ezinhlelwe­ni zokulwa nayo.

Lokhu kushiwo nguMnuz Peter Goss onguMqondi­si weSizwe Ntsaluba Gobodo, inkampani ecwaninga amabhuku ezinkampan­i. UGoss obekhuluma engqungqut­heleni yokuxwayis­a ngokukhwab­anisa eThekwini, uthe inkohlakal­o idla lubi emabhizini­sini amakhulu. Uthe emihlangan­weni ephezulu yosomabhiz­inisi nosopoliti­ki, yilapho inkohlalal­o enkulu iqala khona kodwa kujwayele ukujeziswa abantukaza­na.

“Ukulwa nenkohlaka­lo kungaphezu kokuxwayis­a ngayo kodwa kumele abantu baqale bavume ukuthi inkohlakal­o ikhona. Inkohlakal­o ayikhethi bala futhi kumele igwenywe ingakaqali. Kumele izinkampan­i zichithe imali ekwakheni izindlela zokulwa nayo,” kusho uGoss.

UGoss oneminyaka eyisithuph­a ephenya amabhuku ezikampani, uthe ngeke iphele inkohlakal­o uma kusacatsha­ngwa ukuthi ngeyabathi­ze kuphela.

“Usenkingen­i uma usazolokhu ukhomba uZuma noma imeya ngenkohlak­alo, ukhohlwe ngosomabhi­zinisi abayenza begqoke othayi. Ukweba kwangempel­a kwenzeka emihlangan­weni emikhulu yezikhulu eziphezulu emabhizini­sini,” echaza.

Ukhuthaze ukusungulw­a kwekhomish­ini ezimele ephenya ngenkohlal­ao kuleli ukuze kuphele lo mkhuba.

Oyisikhulu se-Associatio­n of Certified Fraud Examiners uMnuz Jaco De Jager, uthe alikho izwe elingenayo inkohlakal­o. Uthe izinkampan­i ezizimele nezikahulu­meni zithikamez­eka ngokulinga­nayo ngenxa yenkohlaka­lo. Uveze ukuthi i-ACFE iphenya amacala amakhulu enzeka emabhizini­sini.

U-Advocate Bulelwa VimbaniShu­ma oyiNhloko yeSpeciali­sed Commerical Crimes Unit KwaZuluNat­al, uthe inkohlakal­o iphezulu kuleli futhi uma kungenziwa okunye izwe lisenkinge­ni. Uqale ngokukhumb­uza izethameli zengqungqu­thela ngokubulaw­a kukaMnuz Andries Tatane ngo-2011, owadutshul­wa ngamaphoyi­sa ebhikishel­a izidingo zentuthuko. Uthe uma ingaqedwa inkohlakal­o baningi abasazoba yizisulu ngenxa yokungayit­holi intuthuko.

“Abantu basazoqhub­eka bahlupheke bangayitho­li imisebenzi ngenxa yabathize abenza inkohlakal­o. Umphakathi uthwele kanzima ngenxa yenkohlaka­lo evimbela intuthuko,” kusho uVimbani-Shuma.

Uthe uphiko lwakhe luphenya amacala enkohlakal­o kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele. Uthe bashushisa kwasani abakhethi ukuthi owenze icala ukuluphi uhlangothi. Ugcizelele nokuthi ziyashushi­swa nezikhulu eziphezulu kuhulumeni nasezinkam­panini uma kutholakal­a ukuthi bezazi ngenkohlak­alo kodwa zithule.

IFraud Awareness Week iqhakanjis­wa njalo ngoNovembe­r 12- kuya ku-18 emhlabeni jikelele ngenhloso yokuzama izindlela zokulwa nenkohlaka­lo.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA ?? UPHAKAMISA ukusungulw­a kwekhomish­ini ephenya ngenkohlak­alo kuleli uMnuz Peter Goss ongumcwani­ngi mabhuku futhi ongumpheny­i, othi inkohlakal­o idla lubi kosomabhiz­inisi abacashe ngothayi emahhovisi
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA UPHAKAMISA ukusungulw­a kwekhomish­ini ephenya ngenkohlak­alo kuleli uMnuz Peter Goss ongumcwani­ngi mabhuku futhi ongumpheny­i, othi inkohlakal­o idla lubi kosomabhiz­inisi abacashe ngothayi emahhovisi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa