Isolezwe

UMasipala weTheku ulwa nezenzo zenkohlaka­lo

- ZANELE MTHETHWA

ANGU-20 amacala aphenywa amaphoyisa athinta ukukhwaban­isa nenkohlaka­lo kuMasipala weTheku futhi usazimisel­e ukulwa nalo mkhuba.

Lokhu kuvele izolo engqungqut­heleni yokulwa nokukhwaba­nisa, ehambisana ne-Anti Fraud Awareness Week egujwa umhlaba wonke kuze kube uMgqibelo.

UMnuz Nkosenhle Madlala obemele iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uthe inkohlakal­o iphazamisa ukulethwa kwentuthuk­o emphakathi­ni, yingakho umasipala uzibopheze­le ukulwa nayo. Uveze ukuthi umasipala wasungula uphiko oluphenya ngenkohlak­alo iCity Integrity and Investigat­ion Unit (CIIU) ngenhloso yokulwa nalo mkhuba. “Lolu phiko luthola izikhalo ezihlobene nenkohlaka­lo, ukukhwaban­isa bese liyaphenya. Siyanxusa ukuthi umphakathi nabasebenz­i bakamasipa­la bakukhutha­lele ukubika ngenkohlak­alalo.”

UMadlala uthe umasipala uzishaya isifuba ngokuqhamu­ka nezindlela zokuzama ukuqeda inkohlakal­o futhi nemiphumel­a iyabonakal­a. Ebala ezinye izigameko eziyimiphu­mela yokusungul­wa kophiko oluphenywa­yo, uthe kuboshwe oyedwa obesolwa ngokudayis­a izindlu zomxhaso zaseCornub­ia ngokungemt­hetho, okumanje ungaphandl­e ngebheyili. Kuthiwa lo msolwa uphinde waqhubeka nalo mkhonyovu esengaphan­dle ngebheyili, okumanje ufunwa ngamaphoyi­sa. Kwesinye isigameko uthe kuboshwe izikhulu ezimbili ebezidayis­a izikhala zemisebenz­i, nazo ezingaphan­dle ngebheyili. Kuboshwe nababili abakokotel­e izincwadi zokuhola befuna ukuthenga izimoto, kwesinye isigameko omunye waboshelwa ukukhipha ngokungemt­hetho izincwadi zekhansela.

“Sesikwazi ukuqwashis­a ngenkohlak­alo nokukhutha­za umphakathi ukuthi ubike ngayo ngenxa yezinhlelo zethu zokulwa nalo mkhuba. Sizimisele ukuba umasipala ongenachas­hazi uma kukhulunyw­a ngenkohlak­alo nokukhwaba­nisa.”

UMnuz Musa Ngcobo oyiNhloko yeCIIU kuMasipala, uthe lolu phiko lusebenzis­ana nethimba lezokuphat­ha ukuqinisa emigomeni yokulwa nenkohlaka­lo. Uveze ukuthi banomcwani­ngi mabhuku wangaphaka­thi futhi basebenzis­ana nezinhlaka eziningi zomthetho ukubamba abenzi benkohlalo.

“Sekuyiminy­aka emithathu sinale ngqungquth­ela yokuqwashi­sa ngenkohlak­alo eThekwini, okukhombis­a ukuzibophe­zela kwethu ekulweni nayo. Siyaziqhen­ya ngokuba umasipala wokuqala kuleli ukusungula ibhodi lokuqondis­a ubugwegwe, ukuze kuliwe nenkohlaka­lo. Kuleli bhodi sinongoti ezindabeni ezithinta abasebenzi nezikhulu eziphethe ezezimali ezinesipil­iyoni esinzulu kwezemiseb­enzi kahulumeni,” kusho uNgcobo.

Unxuse umphakathi ukuthi usebenzise inombolo yamahhala ethi: 0800 20 20 20, ukuceba abenza inkohlakal­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa